Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12.