NgokukaJohane 20:1-10

NgokukaJohane 20:1-10 ZUL20

Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna. Ngakho-ke wagijima, waya kuSimoni Phethro nakulowo mfundi uJesu ayemthanda, wathi kubo: “Bayithathile iNkosi ethuneni, asazi lapho beyibeke khona.” UPhethro nomunye umfundi, basuka baqonda ethuneni. Bobabili bagijima, kodwa lo omunye umfundi wagijima kakhulu kunoPhethro, wafika kuqala ethuneni. Walunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kodwa akangenanga. Wafika noSimoni Phethro owayemlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zilapho, neduku ebelisekhanda likaJesu lingekho ezindwangwini zelineni, kodwa lisongwe lodwa likwenye indawo. Ngakho-ke wangena-ke nomfundi omunye obefike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa, ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base behamba abafundi, baphindela kubo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 20:1-10