Johane 20:1-10

Johane 20:1-10 CZB24

Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona. Wayesephuma uPetru nalo omunye umfundi, bafika ethuneni. Base begijima bobabili kanyekanye; kepha omunye umfundi wamgijima kakhulu uPetru, wafika kuqala ethuneni. Ekhothama elunguza, wabona izindwangu zelineni zikhona; nokho akangenanga. Khona uSimoni Petru wafika emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona; Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye. Wasengena lalowo mfundi ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi babuyela ekhaya.

Funda Johane 20

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 20:1-10