NgokukaJohane 20:1-10
NgokukaJohane 20:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona. Wayesephuma uPetru nalo omunye umfundi, bafika ethuneni. Base begijima bobabili kanyekanye; kepha omunye umfundi wamgijima kakhulu uPetru, wafika kuqala ethuneni. Ekhothama elunguza, wabona izindwangu zelineni zikhona; nokho akangenanga. Khona uSimoni Petru wafika emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona; Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye. Wasengena lalowo mfundi ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi babuyela ekhaya.
NgokukaJohane 20:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna. Ngakho-ke wagijima, waya kuSimoni Phethro nakulowo mfundi uJesu ayemthanda, wathi kubo: “Bayithathile iNkosi ethuneni, asazi lapho beyibeke khona.” UPhethro nomunye umfundi, basuka baqonda ethuneni. Bobabili bagijima, kodwa lo omunye umfundi wagijima kakhulu kunoPhethro, wafika kuqala ethuneni. Walunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kodwa akangenanga. Wafika noSimoni Phethro owayemlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zilapho, neduku ebelisekhanda likaJesu lingekho ezindwangwini zelineni, kodwa lisongwe lodwa likwenye indawo. Ngakho-ke wangena-ke nomfundi omunye obefike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa, ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base behamba abafundi, baphindela kubo.
NgokukaJohane 20:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.” Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.
NgokukaJohane 20:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)