Johane 20

20
Johane 20
1Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.
2Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona.
3Wayesephuma uPetru nalo omunye umfundi, bafika ethuneni.
4Base begijima bobabili kanyekanye; kepha omunye umfundi wamgijima kakhulu uPetru, wafika kuqala ethuneni.
5Ekhothama elunguza, wabona izindwangu zelineni zikhona; nokho akangenanga.
6Khona uSimoni Petru wafika emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona;
7Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye.
8Wasengena lalowo mfundi ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;
9Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo.
10Base bemuka abafundi babuyela ekhaya.
11Kepha uMariya wema ngaphandle ethuneni ekhala;
12Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
13Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona.
14Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.
15UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa;
16UJesu wathi kuye: Mariya. Waphenduka, wathi kuye: Raboni; okungukuthi: Mfundisi.
17UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.
18UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye.
19Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.
20Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi.
21Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.
22Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;
23Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.
24Kepha uTomase, omunye wabayishumi nambili, othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika uJesu.
25Ngakho abanye abafundi bathi kuye: Siyibonile iNkosi. Kodwa wathi kubo: Ngaphandle kokuthi ngibone ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, ngeke ngikholwe.
26Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.
27Khona wathi kuTomase: Letha lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami, ungabi ngongakholwayo, kodwa okholwayo.
28UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
29UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, Tomasi, ukholiwe;
30Lezinye izibonakaliso ezinengi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiweyo kulugwalo.
31Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 20: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo