NgokukaJohane 20

20
Ithuna Elingenalutho
(Mat. 28:1-10; Mak. 16:1-8; Luk. 24:1-12)
1 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna. 2Ngakho-ke wagijima, waya kuSimoni Phethro nakulowo mfundi uJesu ayemthanda, wathi kubo: “Bayithathile iNkosi ethuneni, asazi lapho beyibeke khona.”
3UPhethro nomunye umfundi, basuka baqonda ethuneni. 4Bobabili bagijima, kodwa lo omunye umfundi wagijima kakhulu kunoPhethro, wafika kuqala ethuneni. 5Walunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kodwa akangenanga. 6Wafika noSimoni Phethro owayemlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zilapho, 7neduku ebelisekhanda likaJesu lingekho ezindwangwini zelineni, kodwa lisongwe lodwa likwenye indawo. 8Ngakho-ke wangena-ke nomfundi omunye obefike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa, 9ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
10Base behamba abafundi, baphindela kubo.
UJesu Uzibonakalisa KuMariya
11Kepha uMariya wema ngaphandle kwethuna ekhala, wayeselunguza ethuneni, 12wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihleli. Enye yayingasekhanda, enye ingasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besibekwe khona.
13Izingelosi zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”
Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibeke kuphi.”
14 Esekushilo lokho waphenduka, wabona uJesu emile, kodwa wayengazi ukuthi nguJesu.
15UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?”
Kepha ecabanga ukuthi lo ngumphathi wensimu, wathi: “Nkosi, uma umsusile lapha, ngitshele ukuthi umbeke kuphi, ukuze ngihambe ngiyomthatha mina.”
16UJesu wathi kuye: “Mariya!”
Waphenduka, wathi kuye ngesiHebheru: “Rabuni,” okusho ukuthi: “Mfundisi.”
17 UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha hamba uye kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
18UMariya Magdalena wafika wabikela abafundi, wathi: “Ngiyibonile iNkosi,” wathi futhi: “Ikushilo lokhu kimi.”
19 Kwathi kusihlwa, ngalolo lusuku lokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi babekhona ngenxa yokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kini.”
20Esekushilo lokho wabakhombisa izandla zakhe nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi lapho beyibona iNkosi.
21 UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.”
22Esekushilo lokho, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. 23 Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; neningabathetheleli, abathethelelwe.”
UJesu NoThomase
24 Kepha uThomase, omunye wabali-12, okuthiwa nguDidimu, wayengekho mhla uJesu efika. 25Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.”
Kepha wathi kubo: “Uma ngingaliboni inxeba lezipikili ezandleni zayo, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”
26Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakaJesu besendlini noThomase ekhona, uJesu wangena iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”
27Wayesethi kuThomase: “Letha umunwe wakho lapha, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwa, kodwa okholwayo.”
28UThomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”
29 UJesu wathi kuye: “Ngenxa yokuba usungibonile, usuyakholwa yini na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
Inhloso Yale Ncwadi
30 Ziningi ezinye izibonakaliso uJesu azenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi. 31 Kepha lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaJohane 20: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo