NgokukaJohane 20:1-10

NgokukaJohane 20:1-10 ZUL59

Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.” Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 20:1-10

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo