NgokukaJohane 12:1-11

NgokukaJohane 12:1-11 ZUL20

Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo. Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni. UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe owayezakumkhaphela, wathi: “Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangama-300, kwabelwe abampofu na?” Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke, ukuze awalondolozele usuku lokungcwatshwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.” Isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi uJesu ulapho. Saya khona, hhayi ngokuba siyakubona uJesu kuphela, kodwa nokuba sibone noLazaru ayemvuse kwabafileyo. Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe, abaningi babaJuda base behlubukile bakholwa kuJesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 12:1-11