NgokukaJohane 12

12
UJesu Ugcotshwa EBhethaniya
(Mat. 26:6; Mak. 14:3)
1 Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo. 2Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni. 3 UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu. 4Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe owayezakumkhaphela, wathi: 5“Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangama-300, kwabelwe abampofu na?”
6 Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.
7Ngakho uJesu wathi: “Myeke, ukuze awalondolozele usuku lokungcwatshwa kwami. 8 Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.”
Uzungu Lokubulala ULazaru
9 Isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi uJesu ulapho. Saya khona, hhayi ngokuba siyakubona uJesu kuphela, kodwa nokuba sibone noLazaru ayemvuse kwabafileyo. 10Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru, 11ngokuba ngenxa yakhe, abaningi babaJuda base behlubukile bakholwa kuJesu.
UJesu Ungena EJerusalema
(Mat. 21:1-11; Mak. 11:1-11; Luk. 19:28-40)
12 Ngakusasa abantu abaningi abebeze emkhosini, sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, 13 bathatha amagatsha esundu, baphuma bayomhlangabeza. Bamemeza bathi:
“Hosana!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Yebo, iNkosi yakwa-Israyeli!”
14UJesu esefumene ithole lembongolo, wagibela kulo, njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
15 “Ungesabi, ndodakazi yaseZiyoni;
inkosi yakho iyeza,
igibele ithole lembongolo.”
16 Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye.
17Ngakho-ke isixuku esasinaye ngesikhathi ebiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo, safakaza. 18Yingakho-ke isixuku sahamba samhlangabeza, ngokuba sasizwile ukuthi wenze leso sibonakaliso. 19Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”
AmaGriki Acela Ukubona UJesu
20Kwakukhona amaGriki athile kulabo abakhuphukele emkhosini ukuba bayokhonza. 21 Laba-ke baya kuFiliphu, waseBhethsayida eGalile, bamcela, bathi: “Mnumzane, sicela ukubona uJesu.”
22UFiliphu waya wabikela u-Andreya, base behamba bobili beyobikela uJesu. 23 UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe. 24Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma uhlamvu lukakolo luwela emhlabathini, lungafi, luhlala lodwa, kodwa uma lufa, luthela izithelo eziningi. 25 Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade. 26 Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.
UJesu Ukhuluma Ngokufa Kwakhe
27 “Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu. 28Baba, khazimulisa igama lakho.”
Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, futhi ngizobuye ngilikhazimulise.”
29Ngakho-ke abantu ababemile bezwa, bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”
30 UJesu waphendula, wathi: “Leli zwi alifikanga ngenxa yami, kodwa ngenxa yenu. 31 Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa. 32 Mina-ke, uma sengiphakanyisiwe emhlabeni, ngiyakudonsela kimi bonke abantu.”
33Wakusho lokhu ekhombisa indlela azakufa ngayo. 34 Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”
35 UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi. 36Nisenokukhanya, kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantu bokukhanya.”
UJesu washo lokhu wamuka kubo, wafihleka kubo.
Ukungakholwa KwabaJuda
37Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye, 38 ukuze kugcwaliseke izwi lika-Isaya, umphrofethi, elithi:
“Nkosi, ngubani owakholwa
ngumbiko wethu na?
Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”
39Ngalokho-ke kabakwazanga ukukholwa, njengokuba u-Izaya washo futhi, wathi:
40 “Uphuphuthekisile amehlo abo,
wayenza lukhuni inhliziyo yabo,
ukuze bangaboni ngamehlo abo,
bangaqondi ngenhliziyo yabo,
funa baphenduke, ngibaphilise.”
41 U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.
42 Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni,
43 ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu.
Ukwahlulelwa Ngezwi LikaJesu
44 Kepha uJesu wamemeza, wathi: “Okholwa yimi akakholwa kimi nje, kodwa kulowo ongithumileyo. 45 Obona Mina ubona ongithumileyo. 46 Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
47“Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli Mina, ngokuba angizanga ukuba ngehlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise. 48 Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela. 49 Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni. 50 Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokhu engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokhu uBaba engitshela khona.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaJohane 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo