NgokukaJohane 13

13
UJesu Ugeza Izinyawo Zabafundi Bakhe
1 Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.
2 Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele. 3 UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye. 4 Wasukuma esidlweni, wabeka izingubo zakhe, wathatha ithawula, walibopha okhalo. 5Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo. 6Wayesefika kuSimoni Phethro. UPhethro wathi kuye: “Nkosi, Wena, ugeza izinyawo zami na?”
7UJesu waphendula, wathi kuye: “Engikwenzayo manje awukwazi, kodwa uzakuqonda emva kwalokhu.”
8UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.”
UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”
9USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, makungabi yizinyawo zodwa, kodwa nezandla nekhanda.”
10 UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.”
11 Ngokuba wayemazi obezakumkhaphela, yingakho athi: “Anigezekile nonke.”
12 Ngakho-ke esezigezile izinyawo zabo, wathatha izingubo zakhe, wabuye wahlala esidlweni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini na? 13 Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho. 14 Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo. 15 Ngokuba ngininikile isibonelo sokuba nani nenze njengalokhu ngenzile kini. 16 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo. 17 Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.
18 “Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi:
“ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’
19 “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi ngiNguye. 20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: owamukela noma ngubani engimthumileyo, wamukela Mina; owamukela Mina, wamukela ongithumileyo.”
UJesu Ukhuluma Ngokukhashelwa Kwakhe
(Mat. 26:20-25; Mak. 14:17-21; Luk. 22:21-23)
21 UJesu esekushilo lokho wakhathazeka emoyeni, wayesefakaza ngokusobala ethi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: omunye wenu uzakungikhaphela.”
22Abafundi babhekana bodwa, bengazi ukuthi ukhuluma ngobani. 23 Omunye wabafundi, lo uJesu ayemthanda kakhulu, wayehleli eduze naye, encike esifubeni sakhe. 24USimoni Phethro wamqhweba, wathi: “Mbuze ukuthi ukhuluma ngobani na?”
25Lo mfundi waqethuka, wancika esifubeni sikaJesu, wathi kuye: “Nkosi, ngabe ngubani lowo na?”
26UJesu waphendula, wathi: “Yilowo engizakugcobhoza ucezu lwesinkwa ngimnike lona.”
Wayesegcobhoza ucezu, walunika uJuda Iskariyothe. 27Emva kokuba emukele ucezu, uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuJuda: “Lokhu okwenzayo, kwenze masinyane.”
28Kepha kulaba ayehleli nabo esidlweni, akekho owazi ukuthi ukusholani lokho kuye. 29 Abanye babecabanga ukuthi kungenxa yokuba uJuda wayengumgcinisikhwama, ngakho uJesu, wayethi kuye: “Thenga esikusweleyo koMkhosi,” noma ukuthi makabele abampofu okuthile. 30Kuthe uJuda eseluthathile ucezu, waphuma ngokushesha; kwakusebusuku.
Umyalo Omusha Kubafundi
31 Esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimuliswe kuyo. 32Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa ngokuphazima kweso.
33 “Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje.
34 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani. 35Ngalokho bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”
UJesu Ubikezela Ngokuphikwa NguPhethro
(Mat. 26:31-35; Mak. 14:27-31; Luk. 22:31-34)
36 USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, uyakuphi na?”
UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele manje, kodwa uyakungilandela kamuva.”
37 UPhethro wayesethi kuye: “Nkosi, kungani ngingekulandele manje na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”
38UJesu waphendula, wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: iqhude ngeke likhale, ungakangiphiki kathathu.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaJohane 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo