Johane 12:1-11

Johane 12:1-11 CZB24

Khona ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika uJesu wafika eBethaniya, lapho kwakukhona uLazaru owayefile, amvusa kwabafileyo. Bamenzela khona isidlo sakusihlwa; uMarta wayekhonza; kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi naye ekudleni. UMariya wayesethatha ilitha lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha. Khona wathi omunye wabafundi bakhe, uJudasi Iskariyothe, kaSimoni, obezamkhaphela. Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngabodenariyo abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu na? Wakusho lokho kungesikho ukuthi wayekhathalela abampofu; kodwa ngoba belisela, liphethe isikhwama, lithwala okufakwe kuso. Khona uJesu wathi: “Myekeni; Ngokuba abampofu ninabo njalo; kepha mina aninami njalo. Ngakho ixuku elikhulu labaJuda lakwazi ukuthi ulapho, laselisiza kungengenxa kaJesu kuphela, kodwa lokuthi libone loLazaro ayemvuse kwabafileyo. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru; ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka, bakholwa nguJesu.

Funda Johane 12

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 12:1-11