NgokukaJohane 12:1-11
NgokukaJohane 12:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo. Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni. UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe owayezakumkhaphela, wathi: “Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangama-300, kwabelwe abampofu na?” Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke, ukuze awalondolozele usuku lokungcwatshwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuba nami njalo.” Isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi uJesu ulapho. Saya khona, hhayi ngokuba siyakubona uJesu kuphela, kodwa nokuba sibone noLazaru ayemvuse kwabafileyo. Kepha abaphristi abakhulu benza uzungu lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe, abaningi babaJuda base behlubukile bakholwa kuJesu.
NgokukaJohane 12:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Khona ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika uJesu wafika eBethaniya, lapho kwakukhona uLazaru owayefile, amvusa kwabafileyo. Bamenzela khona isidlo sakusihlwa; uMarta wayekhonza; kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi naye ekudleni. UMariya wayesethatha ilitha lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha. Khona wathi omunye wabafundi bakhe, uJudasi Iskariyothe, kaSimoni, obezamkhaphela. Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngabodenariyo abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu na? Wakusho lokho kungesikho ukuthi wayekhathalela abampofu; kodwa ngoba belisela, liphethe isikhwama, lithwala okufakwe kuso. Khona uJesu wathi: “Myekeni; Ngokuba abampofu ninabo njalo; kepha mina aninami njalo. Ngakho ixuku elikhulu labaJuda lakwazi ukuthi ulapho, laselisiza kungengenxa kaJesu kuphela, kodwa lokuthi libone loLazaro ayemvuse kwabafileyo. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru; ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka, bakholwa nguJesu.
NgokukaJohane 12:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.” Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.
NgokukaJohane 12:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)