NgokukaJohane 12:1-11

NgokukaJohane 12:1-11 ZUL59

Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.” Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 12:1-11