Ukubhekana NomuzwaIsampula

Dealin' with Feelin'

USUKU 3 KWEZINGU- 8

Kwesinye isikhathi wonke umuntu uzizwa edabukile—elusizi, edangele, ekhungathekile, ekhathazekile, noma ephatheke kabi. Ukudabuka kwenzeka kuwo wonke umuntu—ngisho noJesu, ngisho noNkulunkulu. Siphatheka kabi lapho kwenzeka into embi ngempela—njengokungathi othile esimthandayo egula noma efa, silahlekelwa okuthile esikukhathalelayo, asikutholi okuthile ebesikufuna kabi ngempela, noma asinaso isiqiniseko sokuthi izinto zizolunga esikhathini esizayo.

UNkulunkulu uhlale enathi, kodwa iBhayibheli lithi lapho sidabukile, usondela nakakhulu kithi. UMoya Wakhe usihaqe njengokugona okukhulu. UNkulunkulu angasiduduza lapho sidabukile. IBhayibheli libiza ukudabuka ngokuthi umoya owaphukileyo noma inhliziyo elimele. Njengoba nje lusenza sizizwe singcono lapho othile osithandayo ebopha ibhandishi esilondeni emizimbeni yethu, uthando lukaNkulunkulu lungabopha amanxeba asezinhliziyweni zethu.

Kulungile ukukhala uma sizwa ubuhlungu. Kulungile ukucela abanye ukuba basisize lapho izinhliziyo zethu zibuhlungu. UNkulunkulu uzosinika amandla okunqoba ukudabuka ngisho noma isimo esidabukisayo singaguquki. Isho lokhu ngokuzwakalayo, “Lapho ngizizwa ngidabukile, uNkulunkulu uyangiduduza!”

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Dealin' with Feelin'

Ngenzenjani uma ngicasukile, ngidabukile, ngimuncu, noma ngijabule? UNkulunkulu wasenza saba nemizwelo. IBhayibheli liyasibonisa ukuthi uNkulunkulu unemizwa, futhi. Imizwa ayimibi, kodwa ngokuvamile ingasiholela ekwenzeni izinqumo ezinesono, zobugovu. Njengoba imizwa iyinto evamile esabelana ngayo noNkulunkulu, iyindlela esingasondela ngayo Kuye futhi sifunde okwengeziwe Ngaye. Lolu hlelo lomndeni olunamavidiyo asekelayo lungasiza izingane zifunde lokho iBhayibheli elikushoyo mayelana nokubhekana nemizwa yethu.

More

We would like to thank LifeChurch.tv for providing this plan. For more information, please visit: www.lifechurch.tv