Ubizo Oluphuthumayo LokuthandazaIsampula
Thandazani Ndawonye
Lapho izandla zikaMose ziba nzima; o-Aroni noHure bamhlalisa phansi, basekela izandla zakhe, omunye ngapha nangapha. Baziqinisa izandla zakhe kwaze kwashona ilanga. Yanqotshwa kanjalo-ke impi. Ngokuma ndawonye, nisekelane, futhi niphakamise izandla zomunye nomunye ezithandazayo.
UJesu wathi uma ababili bethu bevumelana emhlabeni nganoma yini esiyicelayo, siyoyenzelwa nguBaba wethu osezulwini. Wasitshela ukuthi kumuntu ezinye izinto azinakwenzeka kodwa akukho okungenzeke kuNkulunkulu. Lapho ekhuleka oyedwa, izinkulungwane ziyabaleka, lapho ababili bekhuleka abayizinkulungwane eziyishumi bayabaleka. Akhona amandla anjalo ekumeni ndawonye ngobunye. Umuntu omi yedwa angahlaselwa futhi ahlulwe, kodwa ababili bangavikelana baze banqobe. Futhi abathathu bangcono nakakhulu, ngoba intambo elukwe kathathu ayinqamuki kalula.
Ukuthandaza ndawonye kwenza umehluko. Sibizelwe ukuthandaza ngokuphuthuma. Masikhuleke ndawonye, sithandazelane kanye nasizwe ukuze, njengoPawulu encwadini ka 2 Korinte 1:11, ethi, “Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.”
Ukuzindla: Ingabe unabo abantu empilweni yakho njengamanje abangakuthandazela futhi bathandaze nawe? Ungawakha kanjani umphakathi wabantu abakhulekayo eduze kwakho ukuze nisekelane ngomthandazo?
Mayelana naloluHlelo
Sithandaza kanjani lapho sibhekene nesikhathi esinzima? Akusona isikhathi sokuhlehlela futhi sidebeselele impilo yethu yomkhuleko. Eqinisweni, izikhathi ezinzima ziwubizo oluphuthumayo lokuthandaza kakhulu. Nazi izindlela ezinye eziwusizo ekutheni singancika kanjani empilweni yethu yomkhuleko lapho sibhekene nesikhathi esinzima. UNkulunkulu wethu ubiza abantu bakhe ukuba bazithobe futhi bathandaze. Uthembisile ukuthi uzosizwa futhi aphilise izwe lethu. Njengoba isikhathi sikaJesu sokubuya sisondela, ingabe uyobathola abantu Bakhe beguqe bethandaza?
More
Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/