Ubizo Oluphuthumayo LokuthandazaIsampula
Ukuqonda Izikhathi
Njengoba u-Israyeli wayehamba ehlane, u-Amaleki weza ezohlasela abantu. Waqala impi nabantwana bakwa-Israyeli. Nokho, uMose wayeziqonda izikhathi futhi wayazi okufanele akwenze. Nathi sisempini engokomoya. UJesu wasixwayisa ngokuthi lezi zibonakaliso zaziyofika, futhi wasitshela ukuthi singakhathazeki. UJesu wasixwayisa ngokuthi, nakuba inkohliso izodlanga, akumelwe sikhohliswe!
Lapho isizwe sakhe sibhekene nesitha, uMose akazange alandele isixuku. Wathula wakhuphuka ukuze ezwe uNkulunkulu. Kudingeka siqonde izikhathi esiphila kuzo, futhi sizwe iNkosi ithini.
Ngemva kokulalela icebo likaJehova, uMose wakusebenzisa lokho ayekuzwile—base bezihlukanisela ukuthi bathandaze, benze lokho okwakudingeka kwenziwe ngokoqobo.
Sonke sibizelwe ukuthandaza futhi sibizelwe ukuthatha isinyathelo. Singubu pristi bobukhosi. SONKE sibizelwe ukuba ngabapristi phambi kukaNkulunkulu! Masithathe induku yethu yegunya. Masiyise kuBaba uNkulunkulu nazo zonke izinkathazo zezinhliziyo zethu futhi sicele indlela yakhe eya phambili. ikhonake, singamemezela inhliziyo yeNkosi egameni likaJesu. Masenze sisebenzise lokho Athi kufanele kwenziwe.
Ukuzindla:Kudingeka siqonde izikhathi esiphila kuzo, bese sizwe iNkosi. Uthini uNkulunkulu kuwe ngezikhathi esikuzo?
Mayelana naloluHlelo
Sithandaza kanjani lapho sibhekene nesikhathi esinzima? Akusona isikhathi sokuhlehlela futhi sidebeselele impilo yethu yomkhuleko. Eqinisweni, izikhathi ezinzima ziwubizo oluphuthumayo lokuthandaza kakhulu. Nazi izindlela ezinye eziwusizo ekutheni singancika kanjani empilweni yethu yomkhuleko lapho sibhekene nesikhathi esinzima. UNkulunkulu wethu ubiza abantu bakhe ukuba bazithobe futhi bathandaze. Uthembisile ukuthi uzosizwa futhi aphilise izwe lethu. Njengoba isikhathi sikaJesu sokubuya sisondela, ingabe uyobathola abantu Bakhe beguqe bethandaza?
More
Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/