Ubizo Oluphuthumayo LokuthandazaIsampula

Ubizo Oluphuthumayo Lokuthandaza

USUKU 2 KWEZINGU- 5

Sonke sibizelwe ekuKhulekeni!

UJesu wathi: “Izimvu zami ziyakulazi izwi lami!” Inhliziyo kaNkulunkulu ibilokhu iwukuthi sizomuzwa ngokuqondile futhi sibe nokufinyelela okuqondile Kuye. Ngisho kusukela ngesikhathi sikaMose, lapho uNkulunkulu etshela uMose ukuba atshele abantu ukuthi beze entabeni futhi bahlangane noNkulunkulu uqobo Lwakhe; kodwa abantu benqaba. Bacela uMose ukuba abayele yena, bese ebatshela lokho uNkulunkulu akushoyo.

Lesi yisiqalo semfundiso engamanga yokukholelwa ukuthi kukhona amaqhawe akhulekayo akhokhelwayo. Futhi abanye bethu bafana nabakwa-Israyeli, lapho sibeka abanye abantu phakathi kwethu noJesu esikhundleni sokuziyela Kuye ngokuqondile. UJesu kuphela owumlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nomuntu. UNkulunkulu ufuna ukukhuluma nawe, futhi ezwe imithandazo yakho. Sonke sibizelwe ukukhuleka. Kudingeka sisukume ngokushesha, sizwe uBaba uNkulunkulu, ukuze siqonde izikhathi, futhi senze lokho akushoyo. UNkulunkulu uyayizwa imithandazo yethu. “Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.” Yisikhathi sokuncenga, sokulindela kuye, sokukhala … nsuku zonke.Ingabe uyotholakala ukuba uthandaze?

Ukuzindla: Umthandazo ukuxoxa noNkulunkulu; ingxoxo yezindlela ezimbili. Ingabe uyalazi yini izwi leNkosi? Ungawenza kanjani umthandazo uze kuqala empilweni yakho njengamanje?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Ubizo Oluphuthumayo Lokuthandaza

Sithandaza kanjani lapho sibhekene nesikhathi esinzima? Akusona isikhathi sokuhlehlela futhi sidebeselele impilo yethu yomkhuleko. Eqinisweni, izikhathi ezinzima ziwubizo oluphuthumayo lokuthandaza kakhulu. Nazi izindlela ezinye eziwusizo ekutheni singancika kanjani empilweni yethu yomkhuleko lapho sibhekene nesikhathi esinzima. UNkulunkulu wethu ubiza abantu bakhe ukuba bazithobe futhi bathandaze. Uthembisile ukuthi uzosizwa futhi aphilise izwe lethu. Njengoba isikhathi sikaJesu sokubuya sisondela, ingabe uyobathola abantu Bakhe beguqe bethandaza?

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/