Ukubizelwa Ekuholeni BobuncekuIsampula

Ukubizelwa Ekuholeni Bobunceku

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Ifilosofi Yobuholi

Imiphakathi yobuKristu nayo iyagaxeleka kulo mkhuba wokudunyiswa kosaziwayo okudlangile kusikompilo oselwande emhlabeni jikelele. Imibukiso yobuKristu iyaphila futhi idlangile ezingxenyeni ezithile zebandla futhi kubalulekile ukuthi sethembeke uma kukhulunywa ngobungozi balolu hlobo lomkhuba, sifune imibono ecacile negcwele ithemba ngohlobo lwefilosofi yobuholi uJesu nabanye abaholi beBhayibheli ababebuphila.

Ngake ngamenywa ukuba ngizokhuluma engqungqutheleni, iphosta yomcimbi yangikhangisa ngesihloko esithi “Umphostoli”, ukuze ngizwakale ngingohlaba umxhwele futhi kuheheke abantu abaningi abazohambela ingqungquthela. Abagqugquzeli babegxile kakhulu emananini abantu ababezohambela umcimbi. Nokho, lapho uPawulu ebala izipho ezihlukahlukene zobuholi kwabase-Efesu 4, ukubeka kucace ukuthi inhloso yalezo zipho ukuletha ubumbano, ukuhlomisa, ukuletha ukuvuthwa, ukwakha, nokukhuthaza abantu bakaNkulunkulu. Imisebenzi yobuholi ihlale inikezwa nguNkulunkulu ngenhloso nenjongo – hhayi ngenhloso yokuzuza nobugovu. Izipho zobuholi zenzelwe inkazimulo kaNkulunkulu kanye nokuhle kubantu baKhe. UJesu unikeza izipho ukuze akhe ibandla laKhe. Kufanele uzibuze uthi: Ngisibekele bani isipho sami njengamanje? Ubani ohlomulayo ebuholini bami? Uzuza kanjani?

Khumbula futhi ukuthi umuntu onesipho akayena umnikazi waleso sipho. Umane nje usigcinile isipho, esigcinele omunye umuntu. Ngisho noPawulu akazange azibize ngokuthi “unguMphostoli uPawulu”. Waqala waziwa ngoPawulu nje – kwase kuthi kamuva waba umphostoli.

UJesu, umholi omkhulu, usimema ukuba sifunde izindlela zaKhe. Njengabaholi, sidinga ukwakha usikompilo lomphakathi lokuphungulelana umthwalo kanye nokwenza lula ijoka lalabo esibaholayo, sisuse amehlo nokugxila kithina namakhono ethu, kodwa sibakhombise uthando olukhulu labo bantu esibizelwe ukubasebenzela. Sicela wazi ukuthi uma kukhulunywa ngobuholi bobuKristu, isithunzi sakho asibalulekile. Kunalokho, ukuthobeka kubaluleke kakhulu. Kunomehluko phakathi kwabantu abanesithombe sokuhlonipheka, nabantu abaguqe phambi kukaNkulunkulu. Abantu abakwazi ukuguqa phambi kukaNkulunkulu bangama phambi kwanoma ubani. Umuntu osesikhundleni sobuholi akabalulekile nhlobo ukwedlula umuntu ongenasikhundla sobuholi. Noma ngabe ungumholi noma cha, ukubaluleka kwakho kunqunywa ukwamukelwa kwakho uNkulunkulu ngaphandle kwemibandela.

Lolu hlelo lokufunda seluya ngasemaphethelweni, kodwa uhambo lwakho njengomholi oyinceku nesikhonzi mhlawumbe lusanda kuqala. Sengathi ungagqugquzelwa futhi ududuzwe yiqiniso lokuthi isipho sakho sobuholi usiphathele uNkulunkulu nabantu abathandayo. Impilo yakho akuyona eyakho. Themba uNkulunkulu ukuthi uzokusebenzisa ngamandla kulesi sizukulwane. Methembe ukuthi uzokulwela futhi akuvikele lapho igama lakho nokuhlonipheka kwalo kuthandabuzwa, futhi sengathi ungaqiniseka ekwazini ukuthi uhambisana kahle naYe. Njengoba ngokuthobeka uzama ukwenza amathuba akho okuhola azuzise abanye, kwangathi ungabona uMbuso kaNkulunkulu ufika, nentando yaKhe yenziwa.

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Ukubizelwa Ekuholeni Bobunceku

Sibizelwe ekubeni sihole njengoJesu. Ubuholi buqala ngomuntu, hhayi isikhundla, futhi inhloso yobuholi ukuholela abantu baNkulunkulu ezinjongweni zaKhe. Isifundo ngasinye sansuku zonke sizokusiza wakhe isisekelo esiqinile lapho ungumholi khona, kukukhumbuze ukuthi ngaphambi kokuba umholi uyinceku, futhi ngaphambi kokuba ube yinceku ungumntwana othandekayo kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga uAfrika Mhlophe ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://afrikam.co.za/