Ukubizelwa Ekuholeni BobuncekuIsampula

Ukubizelwa Ekuholeni Bobunceku

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Ukwakha Isisekelo Esifanele

Ngokwemvelo, siyaqonda ukuthi abantu abakhulu baba abaholi abakhulu, futhi abaholi abakhulu bakha izinhlangano ezinkulu. Kodwa ukuze sakhe izisekelo ezifanele ebuholini bobunceku ezimpilweni zethu, sidinga ukuhleleka kahle: isimilo ngaphambi kwesikhundla.

Abaholi abaningi abasafufusa abaqondi ukuthi ubuholi buyini ngempela. Mhlawumbe uqokelwe esikhundleni sobuholi ngaphandle kokuqonda kahle ukuthi iqhaza lakho lithini. Kunezingxenye ezintathu eziyinhloko ebuholini: umholi ngokwakhe, abalandeli, kanye nesimo. Okuchazwa yilokhu ukuthi ubuholi buqala ngomuntu, hhayi isikhundla. Umholi akuyena nje umuntu onesikhundla noma izinga elithile emphakathini. Umuntu oletha izindinganiso zakhe, umbono wakhe ngomhlaba, kanye nesimilo ukuze kubhekane nesimo, ukuletha isiqondiso nomfutho. Ngakho, izinhlangano ezinkulu zakhiwa ngenxa yabaholi abakhulu, futhi abaholi abakhulu baphuma kubantu abakhulu: uhlobo lwabantu abanenkambo eqotho nezinkolelo ezicacile.

Njengomholi, udinga ukucacisa zisuka nje ukuthi ubheke ngakuphi, ngoba indawo okubabelwe kuyona iyona ezocacisa ukuthi yimaphi amaphimbo owalalelayo. Kufanelekile ukuzibuza uthi: Ingabe ngikucacise ngokwanele lapho ngiphokophele khona? Ingabe lokho kungisizile ukuthi ngibhekisise izinto ezingakhetha kuzo njengomholi? Ubani noma yini eqinisekisa noma ekhomba indlela yami?

Abaholi abangamaKristu bangamaKristu ngaphambi kokuba abaholi. Futhi, kuyaqondana nokuthi abaholi abangamaKristu kuqala – nangaso sonke isikhathi – bangabalandeli ngoba bahlala belandela uJesu. Kimina njengomlandeli kaKristu, ubuholi kufanele bube yisibonakaliso sesimilo sikaKristu. Akuhlezi nje kumayelana nokuthatha izinqumo nokwabela abantu umsebenzi njengomphathi wabo. Kumayelana nokuphila impilo ekufanele ukulingiswa. Ake ucabange nje ukuthi yini engashintsha emphakathini wakini uma abantu beqala ukuhola ngale ndlela. Futhi, cabanga ngokuthi ubani okulingisayo njengamanje – nokuthi kungani.

UJesu wayichitha inkolelo-ze yokuthi ubuholi buhambisana negama noma isikhundla, futhi isibonelo saKhe sobuholi siyasivikela engozini yokuthathekiswa ukuba nethonya negunya. Imibono yaKhe ngobuholi yayehluke kakhulu kulokho abafundi baKhe ababeke bakubona kusikompilo langaleso sikhathi, futhi yehluke kakhulu kusikompilo lobuholi besikhathi sethu futhi. Kuyathakazelisa ukuthi abalandeli baJesu bokuqala nabangane babengazi ukuthi ekugcineni babeyoba nethonya elingakanani. Bamlandela uJesu noma kunjalo. Mhlawumbe ungacabanga ngabaholi abacija izizukulwane ngezizukulwane bengazi nakwazi umehluko omkhulu ababeyowenza emhlabeni ekuhambeni kwesikhathi, noma abaholi abafundisekayo, njengalokhu abafundi ababeyikho, njalo behlezi befuna izindlela zokufunda nokuzithuthukisa.

UJesu namanje usenza lowo msebenzi wokwenza abaholi – kodwa ingabe nathi sisemsebenzini wokumlandela? Ake sizihlole thina kanye nabanye ukuthi yikuphi lapho sivame ukulandela izibonelo zobuholi obungahambisani nezimiso zikaKristu. Asakhe isisekelo esifanele sobuholi bezinceku, sikhumbule ukuthi ubuholi buphuma kumuntu, hhayi esikhundleni, futhi sizame ukuba uhlobo lwabantu nabanye abantu abanentshisekelo yokufana nabo.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Ukubizelwa Ekuholeni Bobunceku

Sibizelwe ekubeni sihole njengoJesu. Ubuholi buqala ngomuntu, hhayi isikhundla, futhi inhloso yobuholi ukuholela abantu baNkulunkulu ezinjongweni zaKhe. Isifundo ngasinye sansuku zonke sizokusiza wakhe isisekelo esiqinile lapho ungumholi khona, kukukhumbuze ukuthi ngaphambi kokuba umholi uyinceku, futhi ngaphambi kokuba ube yinceku ungumntwana othandekayo kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga uAfrika Mhlophe ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://afrikam.co.za/