Ukubizelwa Ekuholeni BobuncekuIsampula
Abaholi Bayabakhulisa Abantu
Ake ucabange ngabantu abaye baba nomthelela omkhulu empilweni yakho, bakukhulisa – ngokomzimba noma ngokwemibono – wasuka kule ndawo waya kwenye. Iqiniso lithi umholi ngumuntu, ngekhono nomsebenzi akuphiwe nguNkulunkulu, ophendula esimweni ngesifiso sokusondeza abantu ezinhlosweni uNkulunkulu anazo ngabo. Kubaholi baseBhayibhelini abanjengoMose, uNehemiya, nabanye, singafunda ukuthi kusho ukuthini ukuqhutshwa, hhayi ngokugabadela kobugovu, kodwa ngenjongo yaphezulu.
UMose wakhulela emndenini ocebile waseGibhithe, wabe esebalekela ehlane lapho aphenduka khona umalusi. Esikhathini esiningi ngiye ngizibuze ukuthi ngabe kwenzekani kuMose ukube akazange ahlangane noNkulunkulu esihlahleni esivuthayo. Kodwa uNkulunkulu wazibonakalisa ngokungangabazeki futhi wamkhombisa uMose ngokusobala isimo sabantu baKhe – kanye nokuhlupheka kwabo. Eqinisweni, isikhundla sakhe sobuholi uMose wasithola ngenxa yesimo esibi abantu baNkulunkulu ababengaphansi kwaso, beyizigqila zabantu baseGibhithe, kanjalo nabaholi abaningi njengoba uMose wangena ebuholini ngenxa yesimo esibi abantu ababengaphansi kwaso waye esezijuba ukuba abatakule.
UMose wayeyiqhawe lomkhuleko, engumprofethi kanye nomenzi wezimangaliso, kodwa noma kunjalo ubuholi bakhe abudumanga ngalezi zinto, nakuba zazibaluleke zonke. Kunalokho, ubuholi bakhe bagqanyiswa kakhulu yindlela atakula ngayo abantu baNkulunkulu wabafaka enkululekweni. Amathuluzi noma izinqubo zobuholi ziyindlela nje yokufinyelela esiphethweni. Isiphetho siwukuthi abantu baNkulunkulu bafike endaweni uNkulunkulu ababekele yona. Kubalulekile ukuthi singagxili kakhulu emathuluzini obuholi, esikhundleni sokugxila endaweni esiyisa kuyo abantu.
Okuthakazelisayo, ukuthi uMose akazange angene eZweni Lesethembiso. Umbono wakhe ngabantu wawungengaye, futhi waphila nalapho yena engasekho. Abanye abaholi, ngakolunye uhlangothi, ngokungathekisa nje singathi baphelela “ezweni Lesethembiso”, lapho abantu okufanele ngabe bayabahola basale “eGibhithe”. Eqhutshwa inhloso hhayi ukucabangela, umholi weqiniso akashiyi muntu ngemuva. Umholi usebenza njengebhuloho phakathi kwemuva labantu nekusasa labo. Yibo abaxhasa ikusasa, futhi ubuholi babo buchazwa ngokubuka ukuthi izimpilo zabantu ziguqulwe kanjani ngaphansi kwethonya labo.
Lapho sihola ngendlela uJesu ahlose ukuba sihole ngayo, ninesikhundla esibafisela sona engqondweni yethu, hhayi ukuzifisela thina leso sikhundla. Sengathi uNkulunkulu angasipha ukuqonda nokuhlaluka ukuze sibone lapho efuna ukubayisa khona abantu baKhe, nobuhlakani bokubayisa endleleni efanele, ebheke emgomweni ofanele. Futhi kwangathi singaba namandla angenakho ukuzifunela okwethu ukuze sizendlale phansi sibe yibhuloho phakathi kwesikhathi kwemuva labantu nekusasa labo eliqhakazile, sibakhumbuze ukuthi ithemba lihlale likhona.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Sibizelwe ekubeni sihole njengoJesu. Ubuholi buqala ngomuntu, hhayi isikhundla, futhi inhloso yobuholi ukuholela abantu baNkulunkulu ezinjongweni zaKhe. Isifundo ngasinye sansuku zonke sizokusiza wakhe isisekelo esiqinile lapho ungumholi khona, kukukhumbuze ukuthi ngaphambi kokuba umholi uyinceku, futhi ngaphambi kokuba ube yinceku ungumntwana othandekayo kaNkulunkulu.
More
Sithanda ukubonga uAfrika Mhlophe ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://afrikam.co.za/