Themba, Zikhandle, UphumuleIsampula

Trust, Hustle, And Rest

USUKU 4 KWEZINGU- 4

Phumula

Njengoba sibonile ezinsukwini ezedlule, ukwethemba kuyisenzo esinzima kodwa esilula sokuqonda ukuthi akuthina esenza imiphumela yemisebenzi yethu- kodwa yuNkulunkulu. Uma sesisithathile lesisinyathelo esibalulekile, kufanele ke sizikhandle, sisebenzise amathalente esiwanikwe uNkulunkulu ukuze sifeze esikubizelwe. Kodwa sazi kanjani uma senza kokubili, ukwethemba kanye nokuzikhandla? Ukuzikhandla kulula ukukubona. Kutholakala kumabhokisi ethu ama-imeyili, ohlwini lwezinto ekumele sizenze njalonjalo, kanye nezingqondo zethu ezigcwele. Kepha sazi kanjani uma simethemba ngampela uNkulunkulu, kungethina, ukwenza imiphumela yenseke? Mhlasimpe indlela yokwazi ukuthola ukuthi siphumule ngokweqiniso na.

Ukuphumula yikhina esikomele sonke. Akuthathi isikhathi eside ukuqonda ukuthi ukuphumula kubanzi kunokuchitha nje isikhathi ngaphandle kwendawo yokusebenza. Njebgoba umngcele phakathi komsebenzi nekhaya uqhubeka udungeka, kubukeka kungumqansa ukwehlukanisa ngokomzimba nokwengqondo ezimfunweni zemisebenzi yethu. Noam sisemakhaya, sivula sihlole ama-imeyili, u-Instagram, amakhalenda, njll. Siyenza njalo. Asiphumulile.

Singakuthola kanjani ukuphumula esikomele nakangaka? U-St. Augustine unikeza impendulo: “Izinhliziyo zethu azinakho ukuphumula, zize zithole ukuphumula kuWe.” Siyozabalazela ukuphumula size sithola ukuphumula kuNkulunkulu kuphela. Lokhu kusho ukuthi impela kumele sizikhandle, sithembe kudqala uNkulunkulu, othe emlandweni wonke, watholakala ethembekile ukunakekela abantu Bakhe. Uma sethemba esiqwini sikaNkulunkulu, futhi siphatha kahle amathalete asiphe wona, singaphumula sazi ukuthi imiphumela isezandleni Zakhe, ukuthi Wenza konke kusebenzelana kube ngokuhle kithi. Ngamagama kaSolomoni kwiZaga 16:33, “Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.”

LEna iyona yodwa indlela yeqiniso yokuphumula okujulile kokwenza, kwengqondo, nokomphefumulo, futhi kuqala ngokuzidela kwiSabatha likaNkulunkulu. Ngamagama kaPastor Timothy Keller: “Simelwe ukucabanga iSabatha njengesenzo sokwethemba uNkulunkulu. UNkulunkulu wenza iSabatha ukusikhumbuza ukuthi usebenza aphumule. Ukuligcina iSabatha kuyindlela yokuzithiba nokwethembeka ukuba sikhumbule ukuthi akuthina esenza umhlaba uqhubekele phambili, onakekela umndeni wakho, ngisho nowenza umsebenzi wakho uqhubekele phambili.”

Kubaluleke ngani ukuthi senze isilinganiso esihle phakathi kokwethemba nokuzikhandla? Yingoba ekupheleni kosuku, uma sincile ekuzikhandleni ngaphandle kokwethemba uNkulunkulu, sizama ukudlala indima kaNkulunkulu noma ukuntshontsha udumo Lwakhe, kokubili okwenza singakutholi ukuphumula. Mkhristu, ima isibindi! Lezizyalo zeBhayibheliblical azishayisani. Ubizelwe ukumethemba uNkulunkulu wakho futhi usebenze kanzima. Uma sikwamukela lokhu kokubili, singaphumula kahle sazi ukuthi sibambisene noNkulunkulu onguMbizi wethu.

Uma ulithakasele loluhlelo lokufunda, uzolithana nohlelo lwami lwamasonto onke, ukukusiza ukuthi ujule ngobandakanya iVangeli emsebenzini wakho. Bhalisa mahhala lapha.

Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Trust, Hustle, And Rest

Ibhayibheli liyasiyala ukuthi sisebenze ngokuzikhandla, libuye lisho ukuthi uNkulunkulu- hhayi thina- owenza kuvele izithelo emisebenzini yethu. Njengoba loluhlelo lwezinsuku ezine lizoveza, umsebezi ongumKhristu kumele amkele ukungqubuzana phakathi "kokwethemba" "nokuzikhandla" ikhona kuzoba nokuphumula kweSabatha kwempela.

More

Sithanda ukubonga uJordan Raynor ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.jordanraynor.com/trust.tv/