Themba, Zikhandle, UphumuleIsampula
Themba
Kuyo yonke Imibhalo, sitshelwa ukuthi uNkulunkulu, akuthina, owenza kubekhona imiphumela yemisebenzi yethu. 1 Izikronike 29:12 lithi “Ingcebo nokuhlonishwa kuvela kuwe; ungumbusi phezu kwakho konke.” uDuthoronomi 8:17-18 uthi, “Ungasho kuwe uthi, ‘Amandla ami nezikhwepha zezandla zami zingenzele lengcebo.’ Kodwa khumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngoba uyena owenza uba namandla okwenza ucebe.”
Esikhathi lapho wonke umuntu efuna ukuphumelela emsebenzini, ukubhala incwadi ewundabuzekwayo, noma ukwenza i-podcast evelele, singalingeka ukucabanga ukuthi ukuzikhandla kwethu okwenza kube nemiphumela ngamandla ethu. Njengoba sizobona kusasa, uNkulunkulu uyala ukuthi sizikhandle futhi asebenzise ukusebenza kwethu kanzima ukuthi enze kubenemiphumela. Kodwa uma singena emsebenzini omusha, kumele siqale ngokwazi ukuthi imiphumela yenziwa uNkulunkulu ngaphezu kwakho konke.
KwiZaga 16, uSolomoni wenza uzekelo kithi wokuthemba, ukuzikhandla, nokuphumula okumele kuvele futhi kufunwe yiwo wonke unKhristu. Evesini lesithathu kulombhalo, indoda eyahlakanipha ukudlula wonke iyala ukuthi, “Nikela kuNkulunkulu konke okwenzayo, Yena uyakukukwenza.” Ngakho ngaphambi kokuzikhandla, simelwe ukunikela imisebenzi yethu kuNkulunkulu. Kwenziwa kanjani ke lokhu, empeleni?
Okokuqala, kusho ukugcina imibhalo enjengalena esisanda kuyifunda enhliziyweni, ukuze sikhumbule njaloukuthi nguNkulunkulu, hhayi thina, owenza imiphumela. Okwesibili, sinikela imisebenzi yethu kuNkulunkulu uma siya kuYe ngomnkhuleko sisho nokuthi simethemba. Okokugcina, ngaphezu kokusha ukuthi siyamethemba, kubalulekile ukuthi sisho nakubantu ezimpilweni zethu ukuthi siyamethemba uNkulunkulu. Esikhathini lapho kuphakanyiswa “ukuphanda,” thina makholwa kumele sehluke emhlabeni lapho sisho khona ukuthi uNkulunkulu, hhayi thina, owenza kubekhona imiphumela emisebenzini yethu.
Kodwa njengoba sizobona kusasa, ukwethmba kuyingxenye eyodwa nje. Uma sifuna ukuba ukusebenziseka ezandleni zaLowo Owasibizayo, kumele sizikhandle kulowo msebenzi esakhethwa kuwo.
Mayelana naloluHlelo
Ibhayibheli liyasiyala ukuthi sisebenze ngokuzikhandla, libuye lisho ukuthi uNkulunkulu- hhayi thina- owenza kuvele izithelo emisebenzini yethu. Njengoba loluhlelo lwezinsuku ezine lizoveza, umsebezi ongumKhristu kumele amkele ukungqubuzana phakathi "kokwethemba" "nokuzikhandla" ikhona kuzoba nokuphumula kweSabatha kwempela.
More