Themba, Zikhandle, UphumuleIsampula
Themba, Zikhandle, Uphumule
“Ukuphanda” elinye lamagama asematheni emabhizinisini namhlanje. osozimali be-Shark Tank bakhuthaza osomabhizinisi asebancane ukuthi “baphande” ngamandla ukuze badayise. Kubukeka sengathi wonke umuntu usebenza ohlangothini lwabo “lokuphanda eceleni” ngesikhathi besebenza kusukela ngo 9-kuya ku-5 njalo nje. Kepha lithini iBhayibheli ngokuzikhandla kwethu? Kokunye, imibhalo ibungaza ngokucacile ukusebenza kanzima. Kwabasekolose 3:23 bayasiyala ukuthi “Noma ngabe yini oyenzayo, sebenza ngenhliziyo yakho yonke.” Noma amaKhristu ehamba nezwe ukubungaza ukusebenza kanzima, kumele sibambane neqiniso leBhayibheli elithi uNkulunkuluhhayi thina noma ukuzikhandla kwethu, okuveza izithelo (Dutheronomi 8:17-18). NjengamaKhristu, kumele samkele ukushayisana phakathi kokusebenza kanzima nokuthemba uNkulunkulu yikhona sizothola ukuphumula kwempela.
UJoshuwa 6 usinikeza uzekelo omuhle wokubona ukuthi lokukushayisana kungamkeleka kanjani. Ngenkathi isizwe samaIsrayeli sasiholwa uJoshuwa ukuya Ezweni Lesethembiso, baficwa isimo esasibukeka simangalisa kakhulu: idolobha laseJerikho elalibukeka lingenakungeneka. UJoshuwa 6:2 uthi, “UNkulunkulu wathi kuJoshuwa, ‘Bheka, ngikunikile iJerikho esandleni sakho,’” kodwa esikhundleni sokunika uJoshuwa nesizwe samaIsrayeli amandla amangalisayo nobuhlakani bokuthatha iJerikho ngokwabo, uNkulunkulu wabadinga ukuthi babeke ithemba elalingajwayelekile kuYe. UNkulunkulu wayala uJoshuwa ukuthi ahole isizwe sakwaIsrayeli ukuba bazungeleze iJerikho izinsuku eziyisikhombisa, baphethe ngokumemeza okuqhumisa izindlebe ezindongeni zedolobha.
Njengezinye izikhathi eziningiemlandweni, uNkulunkulu wakhetha ukusebenzisa “okudelelekile emhlabeni ukuhlaza abahlakaniphile.” Esikhundleni sokuvumela uJoshuwa nesizwe samaIsrayeli ukuphumelela ngmandla abo, uNkulunkulu wadala icebo ukuqinisekisa ukuthi Yena yedwa uthola udumo. Ngaphambi kokunika uIsrayeli ukunqoba, uNkulunkulu wathi kubo bamethembe ukuthi uzobanikeza. Ngaphandle kokunqikaza, uJoshuwa wenza njalo. Isizwe samaIsrayeli sathembela ohlelweni lukaNkulunkulu. Emva kwalokho, bazikhandla: bamasha, bashaya amacilongo, bamemeza zaze zawa izindonga zaseJerikho.
Empeleni,akubanga ukumasha, ukumemeza, nokuzikhandla kwesizwe sakwaIsrayeli okwawisa izindonga zaseJerikho. UNkulunkulu. Futhi yilokho engicabanga ukuthi uNkulunkulu wayefuna isizwesakwaIsrayeli nathi ukuthi sikubone. Umsebenzi wethu onzima muhle! Kodwa ukukholwa wukuthi ukuzikhandla kwethu okwenza imiphumela kufana nokuthi amaIsrayeli acabange ukuthi ukummemeza kwaboyikhona okwawisa phansi leyanqaba eyayingenakungeneka.
Njengoba uJoshuwa nesizwe sakwaIsrayeli besikhombisa, akumele sifune ukusombulula ukushayisana phakathi kokwethemba nokuzikhandla; esikhundleni salokho, kumele sikwamkele. Lokhu kokubili akuxabani, kumelwe ukushadiswa ndawonye. Kodwa njengoba uSolomoni esho kwiZaga 16, kunokulandelana okukhona ekwethembeni nasekusebenzeni kanzima okumhloniphayo uNkulunkulu nokusilethele ukuphumula kweqiniso. Yilombhalo esizogxila kuwo kulezinsuku ezintathu ezilandelayo.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ibhayibheli liyasiyala ukuthi sisebenze ngokuzikhandla, libuye lisho ukuthi uNkulunkulu- hhayi thina- owenza kuvele izithelo emisebenzini yethu. Njengoba loluhlelo lwezinsuku ezine lizoveza, umsebezi ongumKhristu kumele amkele ukungqubuzana phakathi "kokwethemba" "nokuzikhandla" ikhona kuzoba nokuphumula kweSabatha kwempela.
More