Themba, Zikhandle, UphumuleIsampula

Trust, Hustle, And Rest

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Zikhandle

Ezinsukwini ezedlule, besibuka ubunzima ekumele thina singamaKhristu sibamukele emsebenzini wethu, phakathi kokwethemba uNkulunkulu nokuzikhandla ukuthi izinto zenzeke emsebenzini esiwukhethile. Njengoba sibonile izolo, uSolomoni ukhombisa ngokulandelana indlela yokusiza ukucabanga kwethu kulesisihloko, eqala ngokunikela umsebenzi wethu kuNkulunkulu (Izaga 16:3). Evesini lesishiyagalolunye kulencwadi, uSolomoni usincenga ukuthi sizikhandle, ethi, “Ezinhliziyweni zabo abantu bahlela indlela yabo, kodwa uNkulunkulu ozinzisa amagxathu abo.”

Ybo, uNkulunkulu usibizele ekumethembeni, kodwa ngomusa waKhe usinike izingqondo zokuhlela nokwenza. Uma sesinikele imisebenzi yethu kuNkulunkulu, sibizelwe ekuzikhandleni, ukusebenza “ngenhliziyo yonke yethu, njengokwenza kuNkulunkulu” (Kwabasekolose 3:23).

Njalo, ngiyasaba ukuthi thina maKhristu sigxila kakhulu ekwethembeni noma ekuzikhandleni. Amanye amaKhristu asebenzisa “ukulinda kuNkulunkulu” njengelayisense yobuvila obingaveli emibhalweni, abanye bazikhandla ngendlela yokuthi bangabi nempilo enhle emzimbeni, emoyeni, nasengqondweni. Ubuhle ngeZenzo 16:9 ukuthi kubusisa ngocacile ukunqgubuzana kwalamaqiniso womabili. Yebo, kumele siqonde ukuthi “uNkulunkulu uzinzinsa amagxathu ethu,” kodwa kuhle futhi kithi ukuthi “sihlele inkambo yethu,” sakhe, sipende, sihlele, senze okusha, sibhale, sazise, futhi sidayise.

Imsebenzi wethi enye yezindlela esithanda ngayo abakhelwane bethi futhi sinakekele izwe. Khumbula, umsebenzi wawukhona ngaphambi kukuwa engadini yaseEdeni. Umsebenzi uyinto enhle eyenziwe uNkulunkulu ukuveza ubuNguye kanye nokuthanda nokunakelela abantu. Ngenxa yalokhu, intshisekelo yomsebenzi wethu esenza sizikhandle ingaba into enhle. Kodwa njemgoba sizobona kusasa okuwusuku lokugcina lwaloluhlelo, sizobona ukuthi ukuphumula kwempela sikuthola uma ukuzikhandla kwethu kuphelezelwa ukwethemba uNkulunkulu.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Trust, Hustle, And Rest

Ibhayibheli liyasiyala ukuthi sisebenze ngokuzikhandla, libuye lisho ukuthi uNkulunkulu- hhayi thina- owenza kuvele izithelo emisebenzini yethu. Njengoba loluhlelo lwezinsuku ezine lizoveza, umsebezi ongumKhristu kumele amkele ukungqubuzana phakathi "kokwethemba" "nokuzikhandla" ikhona kuzoba nokuphumula kweSabatha kwempela.

More

Sithanda ukubonga uJordan Raynor ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.jordanraynor.com/trust.tv/