Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 55 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

UDavide wakhala kuNkulunkulu ukuba amthethelele futhi amvikele ekugugeni kwakhe.

Kusho ukuthini na?

Kuwo wonke umkhuleko kaDavide kulesi siqephu ukulindela okuyisisekelo ukuthi uNkulunkulu uzophendula futhi amkhulule ezinkingeni zakhe. Ukuqiniseka kukaDavide ukuthi uNkulunkulu wayeyokwenza ngobulungiswa ukuze amvikele futhi amkhulule kwakuvela ekuhambeni kwakhe noNkulunkulu ukuphila kwakhe konke. Wafunda ukuthembela kuJehova ebusheni bakhe, wabona ukwethembeka kukaNkulunkulu phakathi neminyaka, futhi wamemezela uNkulunkulu engumvikeli wakhe ebudaleni. Isimo sikaNkulunkulu sasibonakalise ukuthi sinokwethenjelwa izikhathi eziningi. UDavide wathembela kuNkulunkulu ukuze amkhulule, eqiniseka ukuthi wayengeke ahluleke.

Ngiphendule kanjani na?

Mhlawumbe uphile isikhathi eside ngokwanele ukwazi ukuthi impilo iqukethe ukunqoba nezinkinga. Uma ulandele uJesu kusukela usemncane, cabanga ngezikhathi lapho eze khona ezokusiza. Uma uke weza Kuye kamuva ekuphileni, kungenzeka ukuthi manje ufunda ukuthi uNkulunkulu unokwethenjelwa kunoma yiziphi izimo. Noma ngabe ukusiphi isigaba sempilo njengamanje, ukuthuthukisa indlela yokuncika kuNkulunkulu kuzokunika ukuzethemba esimilweni Sakhe lapho izinto zingahambi njengoba bekuhleliwe. Yini obhekene nayo namuhla - inkinga noma ukunqoba? UNkulunkulu uthembekile, futhi ungancika Kuye. Ingabe uzomethemba uYihlo osezulwini othembekile ngezinkinga zanamuhla?

Usuku 54Usuku 56

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org