Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 58 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

U-Asafa wakhala ngesimo esidabukisayo saseJerusalema. Walandisa ngezenzo zikaNkulunkulu zesikhathi esedlule futhi wamcela ukuba akhulule abantu Bakhe.

Kusho ukuthini na?

U-Asafa wamangala. IJerusalema lalihlaselwe futhi ithempeli labhujiswa. Kwakubonakala sengathi uNkulunkulu wayebalahlile abantu baKhe. Akabange esakhuluma nabo ngomusa njengoMalusi wabo kodwa wayesevumele ukuphathwa kanzima kwesitha njengokwahlulela Kwakhe esonweni sabo. Noma kunjalo, u-Asafa wayesamethemba uNkulunkulu, eqiniseka ukuthi uJehova wayengakwazi, futhi wayeyozigumbuqela izitha zabo. UNkulunkulu unegunya lonke. Ubusa phezu kwemvelo ngokwayo, ngakho ngokuqinisekile wakwazi ukuhlenga abantu Bakhe. U-Asafa wacela uNkulunkulu ukuba akhumbule izithembiso zakhe kuma-Israyeli. Njengoba uNkulunkulu ahlulela izono zabantu Bakhe, ngokuqinisekile wayezojezisa ububi bezitha zabo.

Ngiphendule kanjani na?

Sivame ukucabanga ngoNkulunkulu njengobaba onomusa noma umalusi omnene, kodwa asithandi ukugxila eqinisweni lokuthi Naye ungumahluleli. UNkulunkulu uyigunya lokugcina. Uyokwenza bonke abantu balandise ngezenzo zabo Kuye nakwabanye. Indima yanamuhla isinika ukuqonda emazwini amaHebheru 10:31: “Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo!” Nakuba lawo mazwi engase esabisa, kufanele sikhumbule ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu sihambisana nesihe. Lapho sicabangela isihe sikaNkulunkulu, sithola uNkulunkulu owasingatha isono sethu namaphutha ethu ngokunikela ngeNdodana yakhe siqu njengomhlatshelo esikhundleni sethu. Ngelinye ilanga, uNkulunkulu uyokwahlulela ububi bomhlaba, kodwa uma wamukele isipho Sakhe sensindiso, akudingekile ukuba umesabe njengoMahluleli wakho. Ungabheka kuNkulunkulu njengoYihlo osezulwini onothando neNdodana yaKhe njengoMalusi wakho omnene.

Usuku 57Usuku 59

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org