Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule. Jehova, phuthuma ungisize. Mabajabhe, bayangaze abafuna umphefumulo wami. Mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangifisela umonakalo. Abathi ashila, ashila mababuyele emuva ngenxa yokuhlazeka kwabo. Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: “Makabe mkhulu uNkulunkulu.” Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.
Funda AmaHubo 70
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 70:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo