AMahubo 70:1-5

AMahubo 70:1-5 ZUL20

Nkulunkulu, phangisa ungikhulule. Simakade, phuthuma ungisize. Abazingela umphefumulo wami mabathelwe ngehlazo, bahlazeke. Nalabo abafuna ukungenzakalisa, mababuyiselwe emuva bejabhisiwe. Abathi: “Ashila, ashila!” mababuyele emuva ngenxa yehlazo labo. Bonke abakufunayo mabajabule, bethabe kuwe. Nalabo abathanda insindiso yakho, bahlale njalo bethi: “UNkulunkulu mkhulu.” Kepha mina ngimpofu futhi ngiyantula, phuthuma ungisize, Nkulunkulu! Ulusizo lwami nomkhululi wami. Simakade, ungalibali.