Ukulindela Ukhisimusi: Uhlelo Lwezinsuku Eziwu 5 ze-AdventIsampula
Silindele uKhisimuzi
Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba semahlombe akhe. Futhi uyobizwa ngokuthi uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.U-Isaya 9:6 NIV
Ufunani kulokhisimusi? Mhlawumbe uzama ukucubungula isinqumo esinzima, futhi udinga Umeluleki Omangalisayo. Mhlawumbe uzizwa sengathi usufike ekugcineni kwempilo yakho, futhi ufuna uNkulunkulu Onamandla. Mhlawumbe awukwazi ukuba nomndeni wakho kulo Khisimuzi, futhi udinga uBaba Ongunaphakade. Noma mhlawumbe imicabango yakho iyalwa, futhi udinga kakhulu iNkosi yokuThula.
Ngokuvamile, amaholide ayafika futhi adlule ngaphambi kokuba sibe nethuba lokugxila esizeni sangempela sikaKhisimusi ... kodwa akufanele kube ngale ndlela.
I-Advent isebenza njengenkathi yokulindela nokuzindla eholela kuKhisimusi. Kuhunyushwe kusukela ku-Latin yoqobo, i-Advent isho ukufika okubalulekile, ukusondela, noma ukuza. Yisikhathi esimakwe ngenkumbulo yakho konke uNkulunkulu akwenzile kanye nokulindela konke Azokwenza.
I-Advent yindlela yethu yokukhumbula ukuthi uNkulunkulu weza waba nathi, usenathi, futhi usazobuya futhi. Siyakwazi ukufinyelela eselulekweni sikaNkulunkulu esinamandla, saphakade kanye nokuthula ngoba wathumela iNdodana Yakhe ukuba ibeu-Imanuweli, “uNkulunkulu unathi.” Silindela ngomthandazo ukubuya koMsindisi wethu, ngendlela efanayo nama-Israyeli ayelindele ngokulangazela ukugcwaliseka kweziprofetho zeTestamente Elidala ngoMesiya.
Ithemba lethu ukuthi lolu hlelo luzokusiza ukuthi ugxile encazelweni yangempela kaKhisimusi. Usuku ngalunye, sizohlola enye yezindikimba ezichazayo ze-Advent: ithemba, ukuthula, injabulo, nothando.
Hlanganyela nathi ekulungiseleleni inhliziyo yakho ukufika koMsindisi wethu.
Mayelana naloluHlelo
Kaningi, amaholide ayafika aphinde adlule ngaphambi kokuba sibe nethuba lokugxila ekulungiseni izinhliziyo zethu ngoKhisimusi. I-Advent yindlela yethu yokukhumbula ukuthi uNkulunkulu weza waba nathi, usenathi, futhi usazobuya futhi. Ezinsukwini eziwu-5 ezilandelayo, sizohlola izingqikithi ezine ze-Advent: ithemba, ukuthula, uthando, kanye nenjabulo.
More