Imininingwane ngohlelo

Akungesabi Empini Isampula

Fearless in Battle

USUKU 5 KWEZINGU- 7

UJesu wachazela abafundi bakhe isimangaliso somkhiwane owabuna. “Uma ninokholo, ningangabazi ......uma nithi entabeni ......kuzokwenzeka” (ukugcizelela, okwami)

Kunamandla emagameni. Asikwazi neze ukubukela phansi isisindo sawo. Amagama aheha imiphumela. 

IBhayibheli lithi ukuphila nokufa kusemandleni olimi. (IzAga 18:21)

UDavide, ekujuleni kobunzima, uthi kumaHubo 27:13, “Ngiqiniseka ngalokhu: Ngizobona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo.”

UJobe, ekhungethwe izifo futhi ehlukunyezwe ukulahlekelwa komuntu siqu, uthi, “Ngiyazi ukuthi umhlengi wami uyaphila nokuthi ekugcineni uyokuma emhlabeni.” Jobe 19:25 

Nokufa kubagqolozele ebusweni, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego bamemezela: “Siyazi ukuthi uNkulunkulu wethu unamandla okusisindisa...”(Daniyeli 3:18)

UJoshuwa wathandaza ngokuzwakalayo ecela ukuba ilanga lime futhi lenze njalo. (UJoshuwa 10:12-15)

Athini amazwi akho namuhla? Ingabe akhuluma ngokwesaba noma ukholo? Cela uNkulunkulu ukuthi akuphe amazwi afakaza ngobuhle nomusa Wakhe. Cela uNkulunkulu ukuthi asuse amazwi akho okwesaba ngamagama okukholwa. 

Khuluma umbhalo kuwena. Kukhona amandla emazwini kaNkulunkulu. Ngenkathi ngizwa izwi elesabekayo lokwesaba ngenkathi indodakazi yami izohlinzwa, ngakhetha ukuziqinisa eZwini likaNkulunkulu. Ngachoboza ukwesaba ngesikhali esingcono kakhulu - iZwi likaNkulunkulu. Ngakhuluma amazwi aphilisayo, aqinisa ukuphila. Ngaphumula esimweni sikaNkulunkulu futhi ngasho ukuthi Ungubani - uNgophilisayo, Upha-Ukuphila, uBaba, uNkulunkulu uMninimandla onke - emithandazweni yami. 

Lapho uhamba emanzini, khumbula ukuthi uNkulunkulu unawe. Khuluma impilo. Khuluma amazwi kaNkulunkulu. 


Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Fearless in Battle

Ingabe ungumuntu ovama ukunqotshwa ukwesaba? Noma ingabe uhlala uphila ngokukholwa? Kulokhu kukhonza, funda ukuthatha izinyathelo zokholo, ukuze unikeze uNkulunkulu ithuba lokukhombisa amandla Akhe esimweni sakho esibona...

More

Sithanda ukubonga uRajiv Chelladurai ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.rajivchelladurai.com/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo