Akungesabi Empini Isampula
Akukho ukungabaza ngakho: Ukholo lwethu luyamjabulisa uNkulunkulu. Futhi ukuntuleka kwalo kuyamdumaza uNkulunkulu.
Engxenyeni yeBhayibheli esiyifunda namuhla, uJesu wamangala ngokholo lwenduna yekhulu. Sifunda nokuthi wamangala ngokungakholwa kwabantu ayehlangana nabo enkonzweni yakhe - ngenxa yokungakholwa kwabo “wayengenakuwenza umsebenzi wamandla lapho.”
Uthini uJesu ekukholweni kwakho? Ingabe uyamangala ngakho? Noma uvinjelwe ukwenza imisebenzi yamandla ngenxa yokungakholwa kwakho na?
Uma singalubonisi ukholo, asimthokozisi uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, lapho sibonisa ukholo, sijabulisa uNkulunkulu. Kulula kanjalo.
Ukukhetha impendulo yokukholwa kunikeza uNkulunkulu ithuba lokuveza amandla Akhe. Lapho ubona amandla Akhe esebenza, ukholo lwakho luyakheka. Futhi kunikeza uNkulunkulu ithuba lokusebenza kuwe futhi ngawe ukufeza izinhloso Zakhe.
Yini ozoyikhetha namuhla - ukwesaba noma ukholo? Uzomjabulisa kanjani uNkulunkulu namuhla na?
Mayelana naloluHlelo
Ingabe ungumuntu ovama ukunqotshwa ukwesaba? Noma ingabe uhlala uphila ngokukholwa? Kulokhu kukhonza, funda ukuthatha izinyathelo zokholo, ukuze unikeze uNkulunkulu ithuba lokukhombisa amandla Akhe esimweni sakho esibonakala singenakwenzeka. Khuthazwa wubufakazi bomuntu siqu bokuhamba ngokungesabi esigodini sethunzi lokufa. Funda ukuphila ngaphandle kokunikeza ukwesaba isisekelo empilweni yakho.
More