Akungesabi Empini Isampula
UJesu ukhuthaza ukusetshenziswa kokholo ezintweni ezibonakala zingenakwenzeka.
Ukholo lusebenza kanjani? Okokuqala, ukholo luqala lapho ukucabanga kuphela khona.
1 KwabaseKorinte 2:5 ithi ukholo lwethu “alumi ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa lusemandleni kaNkulunkulu.”
Ukholo lusekelwe ekutheni uNkulunkulu ungubani - isimo Sakhe esingaguquki, amandla Akhe kanye neZwi Lakhe. Ukholo alusekelwe emandleni ethu, ekwazini kwethu noma ekuhlakanipheni kwethu.
U-Abrahama wabonisa lolu kholo “olungenangqondo”. KumaHeberu 11:8 uthi, “Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa njengefa. Waphuma, engazi lapho eya khona. (ukugcizelela kungokwami)
Ngokungafani neze no-Abraham, sifuna ukuqonda zonke izinto ezinhle nezimbi ngaphambi kokuthi senze isinqumo, noma sithathe isinyathelo esiya phambili. Kodwa ukholo lumayelana nokuthembela okuphelele nokulalela uNkulunkulu ozindlela zakhe zingaphezu kokuqonda kwethu.
Njengo-Abrahama, ukholo luyokwenza wenze izinto ezibonakala ziqinile. Kuzokwenza ubukeke uyisiwula. Kodwa, khumbula, izenzo ezinjalo zokholo zikhuthaza impumelelo enkulu kakhulu.
Izaga 3:5-6 ziyasinxusa ukuthi, “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”
Masivule lawo mavesi:
Thembela eNkosini – Mina nawe sibizelwe ukuba nokholo oluphelele kuNkulunkulu
Unganciki kokwakho ukuqonda - Yekela ukucabanga kwakho
Mazise yena ezindleleni zakho zonke - Thembela kuNkulunkulu kukho konke okwenzayo
Futhi Uyokwenza izindlela zakho ziqonde - umphumela: UNkulunkulu uzonikeza indela yodlula.
Esinye sezithiyo ezinkulu zokholo ukucabanga komuntu. Kulapho kuphela udedela ingqondo lapho ukholo lungakwazi ukusebenza ngokugcwele.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ingabe ungumuntu ovama ukunqotshwa ukwesaba? Noma ingabe uhlala uphila ngokukholwa? Kulokhu kukhonza, funda ukuthatha izinyathelo zokholo, ukuze unikeze uNkulunkulu ithuba lokukhombisa amandla Akhe esimweni sakho esibonakala singenakwenzeka. Khuthazwa wubufakazi bomuntu siqu bokuhamba ngokungesabi esigodini sethunzi lokufa. Funda ukuphila ngaphandle kokunikeza ukwesaba isisekelo empilweni yakho.
More