Umhloli WeBhayibheli Lentsha (AmaHubo - Ingxenye 1)Isampula
UNkulunkulu unguMsizi Wethu Omkhulu
AmaHubo 54:4
Impela uNkulunkulu ulusizo lwami; uJehova nguye ongisekelayo.
Uma umnyango wendlu yakho ukhiyiwe futhi ukhohlwe ukuletha ukhiye kungekho muntu ekhaya, umuntu ongakusiza wumkhandi wezikhiye. Uma isipholisa-moya sakho ekhaya singasasebenzi, abazali bakho bazothola usizo kumuntu osevisayo. Abantu babiza umuntu ofanele ukuba abasize esimweni esithile.
Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu ungumsizi wawo wonke umuntu kuzo zonke izimo? UDavide wayefuna uNkulunkulu isikhathi ngasinye lapho edinga usizo kungakhathaleki ukuthi hlobo luni lwesimo ayebhekene naso. NjengoDavide, kholwa ukuthi uNkulunkulu akasizi nje ngezikhathi zesidingo. Uyakusekela futhi akunike amandla okudlula kulesi simo.
Uma uthembele kumuntu ukuthi akusekele, ubeka ithemba lakho kulowo muntu. Uma wethembele kuNkulunkulu nsuku zonke, lapho-ke kufika izikhathi ezinzima, uNkulunkulu uzokusiza futhi akunike lokho okudingayo.
Ungethuki! Akukhathalekile ukuthi hlobo luni lwesimo esinzima noma esiyinselele ohlangabezana naso, mbize, futhi uzokusiza.
Umthandazo
Nkulunkulu othandekayo, wena ulusizo lwami ngezikhathi zosizi. Lapho ngibuthakathaka, Wena ungamandla ami. Lapho ngikhalela usizo, uzophendula. Ameni.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Lolu hlelo luzoqondisa abafundi abasha ngeBhayibheli nsuku zonke. Ukuqonda okusha kuzovezwa ngokuzinikela okufingqiwe nokunobungani nezingane. Izingane zizoqonda ukuthi zonke izingxenye zeBhayibheli zinenjongo futhi zibalulekile ekuphileni kwazo. Ekugcineni, lokhu kuzinikela kuzobaqondisa ukuba baphile ngendlela kaNkulunkulu nsuku zonke.
More