Umhloli WeBhayibheli Lentsha (AmaHubo - Ingxenye 1)Isampula

Bible Explorer for the Young (Psalm - Part 1)

USUKU 12 KWEZINGU- 19

Unkulunkulu Akasoze Akufulathela

AmaHubo 25:16

Phendukela kimi, ube nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.

Ngezikhathi ezithile empilweni yakho, ungase uzizwe unesizungu. Isizungu umuzwa wangaphakathi. Uma isizungu sikwehlela, kuba sengathi wonke umuntu ukufulathele. Futhi okubi kunakho konke, ungase uzwe sengathi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe ukufulathele. 

Lapho uDavide ethi kuNkulunkulu makaphendukele kuye, wazizwa enesizungu futhi ecindezelekile. Inhliziyo kaDavide yayibuhlungu kodwa akazange akhononde! Udavide wayemane ecela uNkulunkulu ukuba aphendukele kuye. Wayefuna nje ukubonwa nguNkulunkulu. Udavide wayazi ukuthi uma nje uNkulunkulu embona nesimo sakhe, lokho kwakuyokwanela. 

Ingabe uzizwa unesizungu kangangokuthi uzwa sengathi uNkulunkulu ukufulathele namuhla? Qiniseka, uNkulunkulu akakaze akufulathele, futhi akasoze akwenza! 

Umthandazo

Nkulunkulu Othandekayo, ngiza Kuwe ukuze nginikele ngawo wonke umuzwa womzwangedwa enginawo. Ngikulindile ngoba ngiyazi ukuthi awusoze wangifulathela. Ameni. 

Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

Bible Explorer for the Young (Psalm - Part 1)

Lolu hlelo luzoqondisa abafundi abasha ngeBhayibheli nsuku zonke. Ukuqonda okusha kuzovezwa ngokuzinikela okufingqiwe nokunobungani nezingane. Izingane zizoqonda ukuthi zonke izingxenye zeBhayibheli zinenjongo futhi zibalulekile ekuphileni kwazo. Ekugcineni, lokhu kuzinikela kuzobaqondisa ukuba baphile ngendlela kaNkulunkulu nsuku zonke.

More

Sithanda ukubonga kwi-Bethany Chuirch ( yase-Singapore) ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.bcs.org.sg/kidsdevotion