Umhloli WeBhayibheli Lentsha (AmaHubo - Ingxenye 1)Isampula

Bible Explorer for the Young (Psalm - Part 1)

USUKU 1 KWEZINGU- 19

Izindlela Ezimbili

AmaHubo 1:6a

Ngokuba uJehova uyaqaphela indlela yabalungileyo.

Ababusisiwe yilabo abahamba ezinyathelweni zikaNkulunkulu njengoba bengaziphathi noma bengaphili njengabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. Bachitha isikhathi esiningi becabanga futhi begxile emazwini kaNkulunkulu. Bazindla imini nobusuku ngamazwi kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, banobuhlobo noNkulunkulu obuholela enjabulweni enkulu. Njengesihlahla esiqinile ngasemfuleni ogelezayo wamanzi, baphila impilo emnandi ethelayo. 

Ababi banjengamakhoba. Amakhoba isitshalo esomile kakhulu. Uma ucosha iqabunga elifile nelomile bese ulishwabanisa, iqabunga lihlephuka libe yizicucu eziningi futhi ungawaphephetha kalula. Ababi yilabo abakhetha izindlela zabo kunezindlela zikaNkulunkulu. Lapho bebhekene nezinkinga noma izinselele, bathathwa kalula njengamakhoba ngumoya. 

Zijwayeze ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Inkosi iyayiqapha indlela yabalungileyo. Uyohlala uqinile futhi ungabhidliki kalula lapho kufika izinkinga. 

Umthandazo

Nkulunkulu othandekayo, ngifuna ukujabula ngamazwi akho. Ngisize ngizindle ngeqiniso Lakho futhi ngigxile Kuwe. Ameni.  

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Bible Explorer for the Young (Psalm - Part 1)

Lolu hlelo luzoqondisa abafundi abasha ngeBhayibheli nsuku zonke. Ukuqonda okusha kuzovezwa ngokuzinikela okufingqiwe nokunobungani nezingane. Izingane zizoqonda ukuthi zonke izingxenye zeBhayibheli zinenjongo futhi zibalulekile ekuphileni kwazo. Ekugcineni, lokhu kuzinikela kuzobaqondisa ukuba baphile ngendlela kaNkulunkulu nsuku zonke.

More

Sithanda ukubonga kwi-Bethany Chuirch ( yase-Singapore) ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.bcs.org.sg/kidsdevotion