AmaHubo 1

1
INCWADI YOKUQALA
Amahubo 1 – 41
Indlela yabalungileyo nendlela yababi
1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo,
2 kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,
ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,
othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,
oqabunga lawo lingabuni,
nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.
4 Ababi abanjalo,
kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.
5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,
nezoni ebandleni labalungileyo.
6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,
kodwa indlela yababi yobhubha.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 1: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume