Yini ubulungiswa NgokweBhayibheli?Isampula
Kulula ukukhuluma
Zonke izindlu zenzizwa phezu kwesisikelo okuyisona esisekela noma esibambe isisindo sayoyonke into eyakhelwe phezu kwaso, Imibhalo engcweleithi ukulunga nobulungiswa ziyisisekelo sobukhosi bukaNkulunkulu. Yilapho ke ngithola khona incazelo yami ngobulungiswa ngokweBhayibheli( ngendlela eyenza umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha emphakathini usebenze ngokulinganayo futhi ngokungakhethile).
Ukulunga isikali sikaNkulunkulu esikhombisa ubuntu okubekiwe kwacaca emibhalweni engcwele,kanti ubulungiswa kona itemu elisetshenziswa ukuchaza " "okulungileyo" noma ("okumele kube njalo").Uma uhlanginisa lamatemu womabili, ubulungiswa ngokweBhayibheli kuba yisenzo sokusebenzisa umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha emphakathini na kwabanye abantu. Ngamanye amagama, akumele kukhulunywe ngobulungiswa nje kuphela, kumele kube yinto esiyiphilayo. Yilokho umbhalo ongcwele okucacisayo ukuthi ufuna "senze ubulungiswa"
Ubulungiswa beBhayibheli bususelwe ekufuneni inhlalakahle yalabo abangakwazi ukuzinakekela. Kungani? Ngoba lezi yizinhlobo zabantu abavame ukuhlukunyezwa nokuphathwa ngokungafanele. Umbhalo usitshela ukuthi sibonise ukukhathalela abampofu, abafelokazi, izintandane kanye nabantu abavela kwamanye amazwe. Kusebenza nasemaqenjini abantu abaqondiswa ukucindezelwa okuhlelekile okususelwa kubuhlanga. Kalula nje, kufanele sivikele futhi sifune inhlalakahle yalabo abasengozini enkulu yokuphathwa ngokungabi nabulungisa. Ibhayibheli lisitshela ukuthi “senze okuhle kuwo wonke umuntu,” ngakho ubulungisa buya nakunoma ngubani ophathwa ngendlela engenabulungisa. Ngakho-ke lapho sibona izimo ezingalungile, okusho ukuthi ziphikisana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha, kungumsebenzi wethu njengamakholwa ukuthatha isinyathelo. Asikwazi nje ukukhuluma ngobulungiswa; kumele senze ubulungiswa. Kungakho uMika 6: 8 ethi, "Yenza ubulungiswa." Akukhulumi ngokuthi kufanele sizizwe kanjani noma singazizwa kanjani ngobulungiswa. Ithi kufanele sikwenze.
Siyethemba lolu hlelo lukukhuthazile. Uma ungathanda okuningi, chofozalapha.
Mayelana naloluHlelo
Kunemibono emingingi ekusthenzisweni kwegama elithi ukulingiswa njengamanje, kube kufanelekile. Ukulungiswa kubalulekile ekutheni umphakathi uphumelele. Kodwa abantu abaningi bayakuchitha ukulungiswa ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini. Kodwa ke, kunendlela enhle yokubuka ukulungiswa okufuna ukuvikela inkulululeko yomuntu nokugqugquzela ukuthi umuntu aqikelele entweni ayenzayo. Kuleluhlelo lokufunda lwezinsuku ezine, uDr.Tony Evans uzocubungula ukulugiswa ngokwebhayibheli.
More