Yini ubulungiswa NgokweBhayibheli?Isampula
Ubulungiswa ne Vangeli
Uma ukhululuma ngobulungiswa, abanye abantu bathi akubalulekile kuza muva. Abanye bathi kunokwehlukana phakathi kokushumayela ivangeli nokukhuluma ngomsebenzi wobulungiswa ngokweBhayibheli. Ukukhathazeka ngesigcino somuntu uma kukhulunywa ngengunaphakade ikona okubalulekile, futhi izinkinga ezifana nokuxwasana ngobuhlanga , ngenhlupheko noma ngobugebengu okuthinta izimpilo zabantu azibalulekile. Into engenza umuntu akholwe yilokhu kungenziwa ukuthi akaqondisisi ukuthi imvelo yevangeli izifaka zombili lezizinto.
Okuqukethwe yivangeli kusikhomba ezifundweni eziphakathi kulo. Akukuningi, okusho ukuthi imibhalo engcwele isinikeze zonke izinhlaka zevangeli-Ukufa kukaJesu efela izono zethu, ukungcatshwa kwakhe, ukuvuka nokuqhamuka kwakhe kubantu abanganika ubufukazi. Imibhalo engcwele iyakubeka ngokucacile ukuthi ivangeli liletha insindiso. Ukukholwa komuntu emsebenzini owaphleliswa ngu Jesu Khrestu esiphambanweni kulethele abantu ukuxolelwa kwezono, ubudlelwano bokubuyisana noNkulunkulu, futhi nempilo engunaphakade.
Kodwa ububanzi kwevangeli kuphinde kuqhubeke kufake nendawo yokungweliswa, noma ukukhula ebungcweleni. Okuqukethwe kusikhomba ensindisweni, kodwa zombili lezinto zihlangene evangelini. Kumele sifunde ukukhuluma ngengunaphakade lomuntu ngokwakhe (okuqukethwe ivangeli ) kanye futhi nezinkinga zakhe(ububanzi bevangeli). Kumele sikwethule kubantu okuqukethwe ivangeli ukuze bakwazi ukubuyela ku Nkulunkulu, kodwa kumele futhi singabushiyi ubibanzi bevangeli ukuze abantu babewofakazi bendlela esihamba ngayo nesikhula ngayo eNkosini. Kumele silingise u Jesu owasinikeza isibonele esihle sokuthi uyihamba kanjani lendlela usebenzisa kokobili okuqukethe nobubanzi bevangeli.
UJesu wakukhombisa usebenzisa indlela engachemile phakathi kokuqukethwe ivangeli kube ngapha ukhathezeke ngobubanzi bevangeli?
Mayelana naloluHlelo
Kunemibono emingingi ekusthenzisweni kwegama elithi ukulingiswa njengamanje, kube kufanelekile. Ukulungiswa kubalulekile ekutheni umphakathi uphumelele. Kodwa abantu abaningi bayakuchitha ukulungiswa ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini. Kodwa ke, kunendlela enhle yokubuka ukulungiswa okufuna ukuvikela inkulululeko yomuntu nokugqugquzela ukuthi umuntu aqikelele entweni ayenzayo. Kuleluhlelo lokufunda lwezinsuku ezine, uDr.Tony Evans uzocubungula ukulugiswa ngokwebhayibheli.
More