Yini ubulungiswa NgokweBhayibheli?Isampula

What is Biblical Justice?

USUKU 1 KWEZINGU- 4

Yini ubulungiswa?

Impilo imayelana nobudlelwano. Isikhathi esiningi, ingxabano ebudlelwaneni yenziwa ukungezwisisani. Omunye ubona isimo ngenye indlela, kodwa omunye naye ubona ngenye indlela. Ilowo nalowo akaboni ukuthi yini indaba omunye engasiboni isimo ngendlela yena asibona ngayo, futhi kwesinye isikhathi lezizimo zigcina zidala ukuphikisana okukhulu. Inkinga isekutheni ngesinye isikhathi sibona izinto ngokwehlukana ngoba asicabangi njengabanye abantu. 

Ukulungiswa esinye sezimo esingaqondakaliyo. Ikakhulukazi, ubulungiswa emphakathini sevukevele kwaba igama elididayo elisho izinto eziningi kubantu abahlukene. Lisetshenjiswa kakhulu ngengetemu elisimatheni ngohulumeni abangekho emthethweni ukugqugquzela ukwahlukaniswa komnotho nokunetshwa kwamandla okuphatha kukahulumeni womphakathi. Lendlela yokubuka ubulungiswa komphakathi ingukuphika ubulungiswa obuyiqiniso. Isibonelo salokhu, umthetho webhayibheli othi "ungebi" uhambisana nesigwebo esibekwe uhulumeni sokweba ngokuthi kwabiwe umnotho kabusha ngokuphoqwa uhulumeni obusayo bese ufaka intela engekho emthethweni. 

Yingakho ngisebenzisa itemu elithi "ubulunigiswa ngokweBhayibheli" Ubulungiswa ngokweBhayibheli kufuna ukuvikela inkululeko yomuntu nokugqugquzela ukuzibopha kumuntu ngokwakhe. Yindlela elinganayo nengakhethi yokusebenzisa umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha ngesimilo esihle emphakathini. Ayikho indlela eqondile nelungileyo yokuchaza ubulingiswa ekhiphela uNkulunkulu ngaphandle. Manje ke, uma sifuna ukwazi ngokulungiswa, kumele siye ezwini likaNkulunkulu. I Bhayibheli liyakugxeka ukungabi nokulungiswa ngoba uNkulunkulu ulungile. Njengoba umthetho ekugcineni unikwa nguye, Uyaphikisana kakhulu nokuphambana nokwenza ubulungiswa. Imithetho yakhe ilungile futhi kumele isebenze kubantu ngokulinganayo ngoba ubulungiswa kuveza izinga uNkulunkulu akala ngalo ukuziphatha kwabantu. 

Manje ke ingqikithi yendaba yobulungiswa ngokweBhayibheli isekutheni umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha kwabantu mawusebenze ngokulinganayo kuwo wonke umuntu nakuyo yonke imikhakha efaka ezonomnotho, ezepolitiki, ezubulungiswa komphakathi noma ezokunqanda ubugebengu. Ayikho enye indlela yokuchaza ubulungiswa ngaphandle kwalena. 

Kufikani emqondweni wakho uma uzwa amagama athi "ubulingiswa komphakathi"? 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

What is Biblical Justice?

Kunemibono emingingi ekusthenzisweni kwegama elithi ukulingiswa njengamanje, kube kufanelekile. Ukulungiswa kubalulekile ekutheni umphakathi uphumelele. Kodwa abantu abaningi bayakuchitha ukulungiswa ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini. Kodwa ke, kunendlela enhle yokubuka ukulungiswa okufuna ukuvikela inkulululeko yomuntu nokugqugquzela ukuthi umuntu aqikelele entweni ayenzayo. Kuleluhlelo lokufunda lwezinsuku ezine, uDr.Tony Evans uzocubungula ukulugiswa ngokwebhayibheli.

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusibonelela ngale sifundo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele: https://tonyevans.org