Yini ubulungiswa NgokweBhayibheli?Isampula

What is Biblical Justice?

USUKU 2 KWEZINGU- 4

Ubulingiswa neNkululeko

Akunjengoba abanye abantu becabanga, injongo yobulungiswa ngokweBhayibheli ukuthi kubenenkululeko. Inkululeko ingachazwa njengokukhululwa ebugqileni obungekho emthethweni ukuze umuntu akwazi ukuzikhethela azithathele isinqumo sokuthi afeze futhi aphumelele ngokupheleleyo kulento adalelwe ukuthi abe yiyo. Ubulungiswa ngokweBhayibheli kugqugquzela inkululeko ngokugcizelela ukuzinika izimpendulo ngokuziphatha kwakho, ukuphatha ngokulinganayo nokuzibopha ngokwakho ngokuhlanganisa iqiniso emkhathini wezomoya nowomphakathi. Lokhu, kusho ukuthi inkululeko nobulungiswa ngokweBhayibheli kumele kuncike eqinisweni likamoya ongcwele okuvela ebudlelwaneni obuqondile phakathi kwethu no Nkulunkulu okuzobonakala ngokuthi nathi sibenobudlelwane obuqondileyo phakathi kwethu. Ngamanye amagama, ubulungiswa ngokweBhayibheli kungokuthanda uNkulunkulu nokuthanda abanye abantu

U Jesu uxhumanisa indlela yethu yokuziphatha no Nkulunkulu ( emoyeni) nendlela yethu zokuziphatha kwabanye abantu( emphakathini). Uthando aluyona nje imizwa kuphela, kodwa luyizenzo. Uthando lusho ukuthi lifuna sizwelane sibenokulunga kokufiselana okuhle komunye nomunye. Manje ke, uma ukuthanda abanye abantu kusho ukuthi asibhekelele izidingo zabo ezibalulekileyo, kumele sifune ukukhulula noma imuphi umuntu osebuqgileni nasenkingeni. Lokhu sikubona enkonzweni ka Jesu esesemhlabeni. Ushumayele ngombuso( ngokomoya), kodwa wabuye wabhekelela izidingo zabantu ( emphakathini).

Njengoba silwelwa ubulungiswa ngokweBhayibheli nenkululeko, sidinga ukebenzinsa indlela engachemile. Kumele sibhekane nesono futhi kushunyayelwe ivangeli. Kodwa futhi okubalulekile , ukuthi kumele siphakame silwasane nokumelene nobulungiswa, noma ngabe ukuxwayana ngobuhlanga, ezomomntho emphakathini, ezepolikiti noma ubugebengu. Uma ivangeli seliyishintshile impilo yakho, mbonge uNkulunkulu. Kodwa qondani ukuthi uNkulunkulu akasiniki inkululeko ukuthi ibe eyethu nje kuphela. Ufuna ukuthi sisize abanye ukuthi bathole eyabo inkululeko. Yilapho ubulngiswa ngokweBaheyibheli kusebenza khona, futhi yingakho uNkulunkulu esitshela ukuthi silwelele abanganamandla, sikhulumele laba abangenalo izwi lokuzikhulumela, futhi silwele namalungelo alabo abacindezeliwe nabakhishwa inyumbazane

Luxhumene kanjani uthando lwakho kuNkulunkulu nothando lwakho kwabanye abantu?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

What is Biblical Justice?

Kunemibono emingingi ekusthenzisweni kwegama elithi ukulingiswa njengamanje, kube kufanelekile. Ukulungiswa kubalulekile ekutheni umphakathi uphumelele. Kodwa abantu abaningi bayakuchitha ukulungiswa ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini. Kodwa ke, kunendlela enhle yokubuka ukulungiswa okufuna ukuvikela inkulululeko yomuntu nokugqugquzela ukuthi umuntu aqikelele entweni ayenzayo. Kuleluhlelo lokufunda lwezinsuku ezine, uDr.Tony Evans uzocubungula ukulugiswa ngokwebhayibheli.

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusibonelela ngale sifundo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele: https://tonyevans.org