Uma Impilo Izama UkukwengamelaIsampula

When Life Tries to Overwhelm You

USUKU 2 KWEZINGU- 3

YIBA SEDUZANE NONKULUNKULU

Ukuba seduzane noNkulunkulu kunemivuzo eminingi! Sisondela kuNkulunkulu ngokuba sibe nesikhathi Naye. Uma sifunda iBhayibheli, sisuke sicashisa Izwi Lakhe ezinhlizweni zethu, futhi lawo mazwi, ayasiqinisa, ayasikhuthaza, bese ebuya kithina uma sesiwadinga kakhulu. Izikhathi zokusondela eduzane kuka Nkulunkulu ziyasisiza ukuqinisa uthando lwethu, noma siluzwa ngaleso sikhathi noma singaluzwa. 

Uma wena nami sihamba nsuku zonke ndawonye, sisothandweni lobudlelwano noNkulunkulu, empeleni sisuke siphila impilo okuyiyo. Cabangake – usuhambisana no Mdali wamaZulu, usuhlomula kubu Hlakanipha kweMinyaka, uzizwela wena kwiNsuka oyanelisa uhambo lwethu olukhethekile, sibe sithandwa ngaphandle kwemibandela yisi Thandwa semiphefumulo yethu, ukuba sibe yisibusiso kubo bonke esihlangana nabo…lokhu kuyimpilo eyiyo uNkulunkulu asibekele yona! 

AmaHubo 16:1-11 asinika isithombe esihle saleyompilo. Miningi imivuzo yokwazana noNkulunkulu esenza sibe nobudlelwano obujulile Naye – nansi eminye yemivuzo. 

uVesi 1 uthi uma simazi Yena, sinokuvikeleka: “Ngigcine ungiphephise, Nkulunkulu wami, ngokuba kuWena ngiphephile” (NIV). Namuhla kulomhlaba onobudlwanguzela, nobudlwengu dlwengu ayikho into eyedlula ukwazi ukuthi usibhekile futhi siphephile kuYena.  

uVesi 5-6 usibonisa ikusasa elikhanyayo kuYena: “Nkosi, uyisabelo sami nendebe yami yesibusiso; ikusasa lami likuWena. Imigqa yesilinganiso ibekelwe mina ezindaweni zokuthokoza; impela, nginefa elihle” (CSB). 

Ngenkathi uDavide ebhala leli Hubo, impilo yakhe yayigcwele izinkinga, kodwa wayazi futhi wayethembe UNkulunkulu, ngokujabula wayesiqonda isimo ayekuso. Ukwazana noNkulunkulu kuchaza ukuthi singamudumisa akukhathalekile ukuthi sikuphi, siqhubeke sibheke phambili ngokukholwa. 

uVesi 7-8 usikhumbuza ukwazi ukuthi uNkulunkulu uthembeke kangakanani ukusihola “Ngiyakubusisa iNkosi engilulekayo — ngisho nasebusuku uma imidlinzo yami ingivimbezela. Njalo ngiyekelela iNkosi ingibonise. Ngokuba usesandleni sami sobumnene, angiyukuzanyazanyiswa” (CSB). Akumele sikhungatheke noma sizanyazanyiswe. Sinjenake isisekelo esiqinile esinaso kuYena! 

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

When Life Tries to Overwhelm You

Siphila ezikhathini zobunzima, nempilo ifika nakho konke ayikhathali. Kulula ukukhungatheka. Kepha uNkulunkulu akumumangalisi ukuba uzithole ulapho, futhi Yena usekwenzele indlela yokuphuma lapho unqobe – zikhathi zonke. Ukuba kwakho seduzane uhambisane Naye, kwengeza ukufinyelela kwakho kwizimpendulo Zakhe kuzona zonke izimo.

More

Sithanda ukubonga Karen Jensen Salisbury ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://karenjensen.org