Uma Impilo Izama UkukwengamelaIsampula

When Life Tries to Overwhelm You

USUKU 3 KWEZINGU- 3

KUNOMVUZO OMUHLE! 

Ukwazana noNkulunkulu kangcono, kuletha kakhulu ukuba uphile impilo eyiyona, wemukele yonke imihlomulo Yakhe, bese uthola ukunqoba uma ukhungakethile. Ukwazana Naye kudinga ube nomfutho – wokufunda izwi Lakhe, ube nesikhathi sokukhuleka, uphile impilo yokulalela - kunomvuzo omuhle kakhulu!  

Ngisanda kuthola ubufakazi komunye wesimame umkhwenyana wakhe obephethwe yisifo okuthiwa yi Parkinson's esihlasela ingqondo sifadalalise amalunga omzimba. Wangicela emasontweni ambalwa edlule ukuba ngibakhulekise. Nansi ingxenye yalobo bufakazi angithumelela khona: 

Angazi ukuthi ngingabonga kanjani ngokwanele. Ngisanda, kukucela ukuba ukhulekele umkhwenyana wami, one Parkinson's. Kusukela lapho isimo ebesimhlasele siqalile sanoshintsho olukhulu. Kunokuba abe nokukhathazeka adangale, ubuyele esimweni "sakhe esidala" - somfutho, sokubamba iqhaza ezintweni zasebandleni, ubuyele engadini nasekwenzeni izinto zangaphandle - usengcono uyaphila ujabulile nasempilweni. Nemishanguzo yakhe ibonakala isebenza kangcono. "Umlingo" akusilo ngisho igama elanele ukuchaza lolushintsho. Angikwazi ukukubonga ngokwanele ngomkhuleko wakho.

Ngisafunda lombhalo okhethekile kamama, ngacabanga, "Wamuhle umvuzo wokwazana noNkulunkulu!" Lomlisa cishe bamutshela ukuthi ithemba lakhe lincane ukuba angaphulukiswa ngamakhambi asemhlabeni – kepha bheka ukuthi wenzani uNkulunkulu! Lapho mina ngikude ngingekho ngisho eduzane nabo, kodwa ngenkathi ngivumelana nabo (cishe nabanye) simukhulekisa, iNkosi yezwa yasiphendula!

Uma simazi Yena, simazi Yena njengo Mphilisi, Manelisi, Mthokozisi, Mnqobi, no Mngani. Asifani nalabo abangenaye uKrestu, abangenalo ithemba nokusizakala (AbaseFesi 2:12). Singalindela uthando luka Baba namandla okusiphilisa ukunqoba imizamo nezinkinga ezizama ukusengamela. 

Ukuhambisana eduzane noNkulunkulu kusinika umhlomulo kuzona zonke izigaba zempilo. Yebo, kudinga ukuba ube nomoya onamandla ukuba nesikhathi Naye ebukhoneni Bakhe, ugweme izilingo, uphile impilo ethokozisa uNkulunkulu. Abanye abantu bangacabanga ukuthi umnikelo wokuzendlala ukuze sithole okukhulu Kwakhe kuyabiza kakhulu ukuba singakucela (NgokukaMarku 8:34, 35). Kodwa akunjalo! Kusilingene, iBhayibheli lithi, kuYena, senemivuzo emikhulu kakhulu kunayo yonke iminikelo esingayenza. Mihle impela! 

Lesisifundo ngabe sikusizile na? Yisiqephu esicashunwe encwadini yami "Closer Than You Ever Imagined: Experiencing the Deep Relationship With God You Always Wanted.” Nawe unga yifunda ingxenye yokuqala lapha. 


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

When Life Tries to Overwhelm You

Siphila ezikhathini zobunzima, nempilo ifika nakho konke ayikhathali. Kulula ukukhungatheka. Kepha uNkulunkulu akumumangalisi ukuba uzithole ulapho, futhi Yena usekwenzele indlela yokuphuma lapho unqobe – zikhathi zonke. Ukuba kwakho seduzane uhambisane Naye, kwengeza ukufinyelela kwakho kwizimpendulo Zakhe kuzona zonke izimo.

More

Sithanda ukubonga Karen Jensen Salisbury ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://karenjensen.org