Uma Impilo Izama UkukwengamelaIsampula

When Life Tries to Overwhelm You

USUKU 1 KWEZINGU- 3

IZWI LIKA NKULUNKULU LINGABUSUSA UKUFIPHALA

Kungekudala ngangibambene nezinye izinto empilweni yami, ekhanda lami kuduma upotiyane. Izinto zazingahambi ngendlela engangilindele ngayo, nokwesaba kwakungihlasele, nabantu bengicefezela, ngazithola sengibambeke ngqi. Kukho konke lokho, ngangibhekane nento engangingafuni ukuyenza, nganginokufiphazeka okuthize okwavale kwahlala kimi njengengubo emanzi. 

Cishe ngangiqhele ngehora elilodwa nje ukuzenzela umcimbi wendumalo yami. Ngokusheshayo, izwi elikuma Hubo 136 engangilifunde ekuseni ngidumisa labe selifika emgqondweni wami: “Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa Wakhe umi phakade..” 

Mangabe wake walifunda leli Hubo, uyazi ukuthi linama vesi angu 26, ivesi ngalinye ligcina ngalamazwi "ngokuba umusa Wakhe umi phakade." Ungagcina ungalizwa mawulifunda ngenxa yokuphinda phindeka. Kodwa uma uNkulunkulu esho okuthize kaningi kanje, ngicabanga ukuthi usuke ezama ukudlulisa umyalezo kithina! 

Ngenkathi ngilifunda, bengingakwazi ukulinda nalamazwi abefika abuyele emuva, kodwa kuthe uma ebuya ngesikhathi somcimbi wendumalo yami, ngokushesha aphumela emoyeni wami – Heyibo! Umusa Wakhe umi phakade! Muhle uNkulunkulu! Konke kuzolunga! Heyibo! 

Kunzima ukuchaza izinto zika moya usebenzisa amazwi emvelo, kodwa konke engingakusho ukuthi: ngokuphelele kwaba yikhathi esimunandi. Injabulo kaNkulunkulu yafinyelela kimi, kwasuka nokufiphazeka, ngagcwaliswa ngolwazi lokuthi angeke nje ngiphile lolusuku, kodwa ngangizophumelela ngamalengiso – nokunqoba kungakimi! 

UNehemiya 8:10 uthi, “…injabulo kaJehova iyinqaba yenu” – Ngagcwaliswa ngamandla kaNkulunkulu ngangakwazi kwenza lutho kepha ngadumisa Yena. Ngazi ukuthi konke kwakuzosebenza kahle. 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

When Life Tries to Overwhelm You

Siphila ezikhathini zobunzima, nempilo ifika nakho konke ayikhathali. Kulula ukukhungatheka. Kepha uNkulunkulu akumumangalisi ukuba uzithole ulapho, futhi Yena usekwenzele indlela yokuphuma lapho unqobe – zikhathi zonke. Ukuba kwakho seduzane uhambisane Naye, kwengeza ukufinyelela kwakho kwizimpendulo Zakhe kuzona zonke izimo.

More

Sithanda ukubonga Karen Jensen Salisbury ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://karenjensen.org