AmaHubo 61:1-8

AmaHubo 61:1-8 ZUL59

Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami. Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami. Ngokuba ubuyisiphephelo sami, inqaba eqinileyo ngakuso isitha. Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela* Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami, wabanika ifa abalesaba igama lakho. Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi; iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane. Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze. Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 61:1-8