Amahubo 61:1-8

Amahubo 61:1-8 CZB24

Kumholi wokuhlabelela ngeNegina. Ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami; lalela umkhuleko wami. Ngiyakukhuleka kuwe ngisemikhawulweni yomhlaba, lapho inhliziyo yami isidangale; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami. Ngokuba ubuyisiphephelo sami nombhoshongo onamandla esitheni. Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyethemba endaweni yokucasha yamaphiko akho. Sela. Ngokuba wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami; Unginike ifa labo abesaba igama lakho. Uyakwandisa izinsuku zenkosi, neminyaka yayo njengezizukulwane ngezizukulwane. Uyakuma phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; lungisela umusa neqiniso, okungayilondoloza. Ngakho ngizahlabelela indumiso yebizo lakho kuze kube nininini, ukuze ngigcwalise izithembiso zami zonke izinsuku.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 61:1-8