Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Kaningi, sizama ukulungisa izimpilo zethu phambi kukaNkulunkulu, sicabanga ukuthi kungcono ukuthi asibuke esikhundleni sokuthi asisize. Sifuna ukukhombisa uNkulunkulu lokho esikwazi ukukwenza ngokwethu. Sinesithombe esingalungile sokuthi uNkulunkulu ungubani. Akayena umbusi owahlulelayo ofuna ukusahlula emsebenzini othile. Kunalokho, unguBaba wethu onothando ongakithi. Ufuna ukusisiza lapho sisebunzimeni.
Emahoreni okugcina kaJesu, wathandazela amakholwa. Wathandazela ubunye bethu futhi wathandazela ukuvikelwa kwethu. Wacela uBaba ukuba asivumele sazi iqiniso futhi sijabule. Lomkhuleko kufanele usinike ithemba elikhulu njengamakholwa.
UJehova ukhona ukuze asiphendule lapho simbiza. Kufanele sikhumbule ukubiza iNkosi ngokholo. Ufuna simbize yena. Yini ekuvimbela ukuba ucele usizo eNkosini?
Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungithanda kwakho uze uzimisele ukungisiza noma ngabe ngikubuphi ubunzima. Ngiyakudumisa ukuthi awukude kakhulu ukuba uzwe ukukhala kwami. Ngiyabonga ukuthi uJesu wangithandazela ngisho ebheke esiphambanweni. Ngisize ngicele usizo Kuwe lapho ngesaba. EGameni likaJesu, Ameni.
Mayelana naloluHlelo

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!
More