Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 26 KWEZINGU- 40

Kwesinye isikhathi, ukuphila kusiholela emanzini ajulile okumele singene kuwo. UNkulunkulu uthembisa ukuba nathi emanzini. Akufanele sizizwe sengathi sicwila ekuphelelweni yithemba ngoba uBaba wethu waseZulwini usibambile. Usibambe ngesandla. 

NgoKristu, uNkulunkulu usikhulule ekufeni, esonweni, nasekwesabeni. Sinempilo, ithemba, nenjabulo ngenxa kaJesu. Ngakho-ke, singaphila futhi siphefumule kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izimo ezingase zivele. UJesu ukhokhe inani eliphakeme kakhulu. SingabakaNkulunkulu. Ngenxa yomhlatshelo Wakhe, singaphumula ebukhoneni Bakhe kungakhathaliseki ukuthi kufika ini ezimpilweni zethu. 

Ukwazi ukuthi ungokaNkulunkulu kukusiza kanjani ukuthi unqobe izikhathi zokwesaba? UNkulunkulu uzohamba nawe phakathi nezilingo neziyaluyalu. Uzoyihola indlela. Kufanele sibambelele kuMhlengi wethu.

Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngokuthumela iNdodana yakho ukuthi izokhokha inani lezono zami. Ngiyabonga ngokungibizela ebudlelwaneni nawe. Ngisize ngibone ukuthi usebenza kanjani kulesisiphithiphithi. Ngibonise iqiniso lakho ngeZwi laKho. EGameni likaJesu, Ameni.

Usuku 25Usuku 27

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/