Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula
Isiqondiso somkhuleko
Hezekeli 11:19-20
Ngizabanika inhliziyo eyodwa ngifake umoya omutsha phakathi kwabo; ngiyakususa kubo inhliziyo yetshe, ngibanike inhliziyo yenyama. Bazahamba ngezimiso zami, bagcine imithetho yami. Bayoba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
Umthandazo:
Baba, nguwe kuphela ongasinika inhliziyoinhliziyoentsha. Ngithandazela ukuthi _______________________ abe nenhliziyo entsha futhi abe nomoya wakho ngolunye usuku. Shintsha inhliziyo yakhe. Mnikeze umusa wokwamukela izwi lakho futhi akholwe kuKristu. Akukho okungenzeki ngawe. Ngithandazela ukuthi ngolunye usuku ___________________ akulandele ngenhliziyo yakhe yonke futhi akhonze wena wedwa.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.
More