Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 11 KWEZINGU- 21

Isiqondiso somkhuleko

2 Thimothewu 2:25-26

UNkulunkulu mhlawumbe angabapha ukuphenduka okuholela ekulazini iqiniso, babuye baphaphame, baphunyuke ogibeni lukaSathane, bebanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

Umthandazo:

Baba, ngiyakhuleka ukuba uphe _______________________ ukuphenduka okuholela olwazini lweqiniso. Kwangathi _______________________ bangaphenduka kubo bonke abasindisi babo bamanga, bathembele kumina nokulunga kwabo siqu futhi baphendukele kuKristu. Khipha _______________________ ogibeni lukadeveli futhi umkhulule ukuba enze intando yakho. Ngithandazela ukuthi ukuphenduka kwabo kube kweqiniso futhi kuphumele empilweni eguquliwe ekhazimulayo. 

Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com