Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 13 KWEZINGU- 21

Isiqondiso somkhuleko

Mathewu 5:16

Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Umthandazo:

Baba, ngiyakhuleka ukuba izenzo zami namazwi ami kube yinkazimulo yakho. Sengathi konke engikwenzayo nengikushoyo kungasuka enhliziyweni ephumulayo nethokozelayo ngevangeli. Futhi lapho ngixhumana no _______________________, sengathi angaqonda ithemba lensindiso yami nokuthi uMoya oNgcwele uyasebenza empilweni yami. Ngithandazela ukuthi ngiphile njengoKristu, ngizidele futhi ngigcwele uthando lwangempela, ukuze impilo yami yonke ibe ubufakazi ku _______________________. Moya oNgcwele, ngiyakhuleka ukuthi ungisebenzise njengenxusa lokubuyisana phakathi kukaNkulunkulu _______________________ kube inkazimulo yakho. 

Usuku 12Usuku 14

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com